ISAGCWELE amathafa indoda okuthiwa ibulale ngesihluku intombi ngokuyigwaza inqwaba yamanxeba, icasulwa ukwaliwa eKenville, eThekwini, ngoMgqibelo.
UNksz Zama “Girlie’’ Mthembu obehlala emijondolo eseKenville ngenxa yomsebenzi, ongowokudabuka eDondotha, eMpangeni, kuthiwa uzidonsele amanzi ngomsele kumsolwa othukuthele wagama unwabu emva kokuthi umufi emtshele ukuthi ucu alusahlangani.
UMnuz Msizi Mthembu ongumfowabo kamufi, uthe balandiswe umngani wakhe (umufi) ukuthi ubehlala ngokubhonywa ngumsolwa kangangoba ubesenezibazi zigcwele umzimba.
“Kuthiwa nangawo uMgqibelo, udadewethu ubephuma endlini yomngani wakhe ebheke kweyakhe ngesikhathi endleleni ezithela kule ndoda, okuthe uma eyitshela ukuthi akasayifuni, yazama ukumhudula yamshaya. Abathile ebebekhona njengoba bekusakhanya bamshayile umsolwa bedinwa ukuthi uhlukumeza umuntu wesifazane. Kuthiwa ubalekile, kanti udadewethu uphindele endlini yomngani, okuthe esamzekela ngokwenzekile, umsolwa wagulukudela kuyo wamgxavuna, waqala wamgwaza,” kusho uMthembu.
Uthe umgwaze amanxebe awu-18, kanti ngesikhathi eqala ukumgaza, umngani kamufi uphume wamemeza emnyango ecela usizo.
“Okubuhlungu kakhulu ubemgwaza kubuka izingane zikamngani wakhe ezimbili ebezihleli embhedeni, ezineminyaka ephakathi kweyisithupha newu-10. Namanje izingane zisahlukumezekile ngenxa yalesi sihluku ezisibone kulesi sigameko,” usho kanje.
Uthe umsolwa kuthiwa ungowokudabuka e-Eastern Cape, eNtabankulu, okungenzeka ukuthi ubhace khona.
Engxoxweni phakathi kukaNksz Mthembu nomngani wakhe kwi-WhatsApp, Isolezwe elinayo okukholakala ukuthi yenziwa ngaphambi kokubulawa kukamgilwa, umufi uveza ukuthi akamfuni umsolwa, uzamile ukumala kodwa wathatha ummese abeqoba ngawo u-anyanisi, efuna ukumgwaza ngawo. Kule ngxoxo umufi uzwakala efuna usizo kumngani wakhe ngokwenziwa kwencwadi yesivimbelo senkantolo ukuziphephisa olakeni likamsolwa okuthiwa ubehlukumeza kakhulu.
Uthe umufi ushiye izingane zakhe ezimbili zabafana, ezineminyaka ephakathi kweyisishiyagalombili newu-14.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseGlenwood Park aphenya icala lokubualala.