UGOBE uphondo wasula ePhalamende owayenguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko nezokuNgcebeleka kuleli uMnuz Zizi Kodwa.
UKodwa usula emva kokuba ezinye izinhlangano bezikuchitha ukuba khona kwakhe ePhalamende njengelungu lekomiti leMfundo eyisiSekelo.
Usula nje ungaphandle ngebheyili kaR30 000 ngamacala enkohlakalo.
Unobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, wamukele incwadi yokusula kukaKodwa.
Ibamba lomkhulumeli we-ANC uMnuz Zuko Godlimpi, lithe uKodwa uthumele le ncwadi ngoLwesithathu, waveza ukuthi usula ngokushesha.
UGodlimpi uthe i-ANC ikwamukele ukusula kukaKodwa wathi bamfisela okuhle kodwa.
UKodwa nosomabhizinisi uMnuz Jehan Mackay, babuyela enkantolo ngenyanga ezayo ngalawa macala.
UMackay usolwa ngokugwazela uKodwa ngo-R1.68 million ngesikhathi esawumkhulumeli we-ANC, ukuze amcubuzele amagabadi kwithenda yezobuchwepheshe ayefake isicelo kuyona.
Kuthiwa le mali yakhokhela indawo yomntakabani ayevakashele kuyona eKapa phakathi kuka-2015 no-2016.
Babuyela enkantolo ngo-Agasti 21.
UKodwa wasula ekubeni ngungqongqoshe emuva kokubekwa la macala.
Wafungiswa njengelungu lePhalamende ekubeni umgomo we-ANC ukubeka kucace ukuthi ababhekene namacala kumele bahoxe baze batholwe bemsulwa yizinkantolo.
Ibigxekwa i-ANC ngokuthi ikhetha iphela emasini uma kuziwa emgomeni wokuhoxa kwamalungu abhekene namacala njengoba owayengunobhala jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule, wasuswa kulesi sikhundla ngoba esahamba amacala enkohlakalo enzeka ngesikhathi esangundunankulu waseFree State.
Ngisho neCosatu ike yakhala ngokujutshwa kukaKodwa ePhalamende, yathi lokhu kubuyisela emuva imizamo yokuzakha kabusha kwale nhlangano.