Izindaba

UGigi Lamayne uthakasela isiqalo esisha okholweni

Nondumiso Gumede|Published

UGIGI Lamayne osekhethe ukubhabhadiswa amukele iNkosi empilweni yakhe.

Image: ISITHOMBE : SINGCINIWE

SIQALILE isiphithiphithi sePhasika futhi sekubonakala osaziwayo beqhakambisa ezenkolo.

Ngeledlule, kwabonakala uGogo Skhotheni eveza ukuthi uyawayeka amakhubalo usekhethe iNkosi. Kulokhu kubonakala intokazi uGenesis Gabriella Tina Manney (31), owaziwa ngelikaGigi Lamayne, efaka i-video ebonisa ukubhabhadiswa kwakhe.

UGigi ubhale kanje, elandisela abalandeli bakhe: “Inkazimulo mayibe kuNkulunkulu. Uthembekile. UnguNkulunkulu wethuba lesibili. Akalahlani, kuze kube yilapho sivuma. Ngiyabonga kubaholi bami bokomoya, umndeni omangalisayo, abangani, engibambisene nabo, kanye nabantu engingabazi abangisizile kuze kube manje. Ngijabule kakhulu ukuba yingxenye yombuso omangalisa kangaka. Ukukhonza, ukuba nenjongo ezinhluphekweni ukuzithethelela, nokuqala kabusha, bekukhona omunye emlilweni emi eduze kwami! Sithembele kuNkulunkulu”.