UNIKWE umsebenzi wokukhulisa i-IFP nxazonke KwaZulu-Natal uSihlalo wayo omusha, uMnuz Thamsanqa Ntuli (45) osanda kukhethwa engqungqutheleni ebisoLundi ekhungathwe wumsindo.
Uqumbe phansi uMnuz Mbangiseni Yengwa obephethe isikhundla sokuba wusihlalo esifundazweni.
UNtuli, udabuka eVumanhlamvu eNkandla, ungowokuqala kwabo bese elanywa ngabanye abathathu emndenini obuvele uyi-IFP yokuqina. UyiMeya kaMasipala iNkandla, osendaweni yasemakhaya owathathwa yi-IFP kade uphethwe ngokubambisana yi-ANC neNFP.
Nakuba kube nomsindo emuva kokukhethwa kwakhe kwesikasihlalo kodwa yena uthi usezimisele ngokusebenza.
Uveze ukuthi ingqungquthela imnike umsebenzi wokuthi akhulise iqembu kuzo zonke izingxenye zesifundazwe, ukuze ligcine likwazile ukusibuyisa libe wuhulumeni.
“Into ebalulekile manje ukubumba iqembu, kuphele ubuqembuqembu obubonakala bufufusa. Ingqungquthela ikubeke kwacaca ukuthi ifuna iqembu liphile, likhule kakhulu kunakuqala futhi libe yizwi labantu.
“Nginawo amandla okukwenza lokhu ngibambisene nabanye abaseqenjini,’’ kuchaza uNtuli.
Uthe kuseqhulwini ukuthi omasipala bonke abaphethwe yi-IFP kufanele bathole imibiko engenawo ugcobho. Kodwa lokhu kusho ukuthi abaphethe omasipala bahloniphe umyalelo wengqungquthela.
Uveze ukuthi impumelelo yakhe ibuye ilekelelwe wukuthi ukhule ebandleni i-Anglican Church futhi ube yisikhonzi khona isikhathi eside.
Ubuye wabonga umholi uMntwana uMangosuthu Buthelezi ngokumcija ngazo zonke izikhathi.
Uthe akafuniseli ngomsebenzi we-IFP ngoba selokhu ayijoyina ngo-1988, ubulungu busabiza ishumi kuphela, ngakho uyazi kahle yonke into okufanele ayenze.
Ube nguthisha iminyaka engu-20, waze waba nguthishomkhulu. Ufundise eMashinga Secondary, eNkandla Secondary naseHwanqana Secondary lapho abambe khona esokuba uthishomkhulu.
Uyikhansela le-IFP ku-ward 6 eNkandla. Usebenze kakhulu ewumholi wenyunyana yothisha, iNatu okuyikho okwamvulela indlela kwezepolitiki.
Uphawule nangokuncelisa amawele njengoba eyimeya kamasipala abuye abe nguSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal.
Uthe lokhu ngeke kumsinde ngoba uhlelekile, uyakwazi ukuhlela izinto ngendlela. Uthe kujwayelekile ukuthi abaholi babambe izikhundla ezimbili eqenjini nakuhulumeni.
Ebuzwa ngomsindo oqubukile ngokukhethwa kwakhe, uthe akumethusanga ngoba uma kukhethwa kuhlala kunemibono eyehlukene.
Ukuchithile ukuthi ukhonjwe ngentshebe uMntwana waKwaPhindangene, wathi kuvote amaziko eqembu waphumelela kubuka bonke abantu.