UKHALA ngesandla semfene ebandleni lakhe ufata osolwa amalungu ebandla ngokuhlambalaza ashumayele ngocansi, aqonywe abandleni acwile nasezinkambeni zikaFaro.
UFata Mhlengi Ngcobo obhekele isikole samantombazane i-Albino nemishini yaseNtshongweni, nebandla laseShongweni Dam, uthi kunzima ukuba ngufata ngoba wazi izimfihlo angeke azidalule nokumenza angathandeki kwabanye abazalwane.
UNgcobo ozohlanganisa iminyaka ewu-10 ewufata waqala ukuphatha e-Albino ngo-2016. Kuthiwa sekuphele iminyaka emibili engayenzi imibiko ngemali yebandla kunalokho uhlala enemali yokuphuza nokuzikhipha namantombazane.
Amalungu ebandla aveze nokuthi uke wagingqa imoto nyakenye wangalala emishini nokusolwa ukuthi wayeboshiwe. UNgcobo uthe uyamazi umzalwane ombheca ngobende inyama engayidlanga.
“Sengiyabona ukuthi ngumuntu oyedwa okhuluma lezi zinto, sebengamseka abanye ngoba bemzwela. Imoto yabhajwa ngoba kunezinkungu ngangingadakiwe,” kusho uNgcobo. Eqhuba uthe kunabantu okungabikwa kubona ebandleni uma ephula imithetho kodwa abakaze babikelwe.
“ Inkinga inomuntu oyedwa onenkinga nami osefaka abazalwane ngoba sengazi imfihlo ngaye. Ucabanga ukuthi izoshintsha nendlela ebengimbuka ngayo ngoba senginemininingwane emhlambalazayo njengomuntu ohlonishwayo. Ubona sengathi sengimahlulele kanti angikwazi ukwenze njalo futhi akuvumelekile. Bengivele ngiyazi le nto, nangoLwesibili sizoba nomhlangano namadoda ebandla awazazi lezi zinto. Uma umuntu enenkinga kumele angafaki ibandla. Akaqondane nami, angaphazamisi ibandla,” kusho uNgcobo.
Izolo leli phephandaba lihambele ibandla, lamfica uNgcobo ephethe inkonzo ebizwakala ijwayelekile yize ebebuye athi abantu abaziphathe kahle ngoba bazobe sebethi uluhlaza.
Uveze nokuthi ukube unomuntu wesimame athandana naye ngabe uyamkhulumela kodwa uzothula ngoba uwufata.
Lokhu uthe ubekusho ngoba abantu banendlela abafuna abefundisi baphile ngayo kodwa bona benza noma kanjani kubefundisi. Mayelana nokuphuza uthe akuyona imfihlo.
“Vele ngokujwayelekile singabefundisi siyaphuza noma kunemcimbi. Ngiyajabula ngoba abantu basebandleni bakhule ngokwanele bayazi ukuthi ngiyaphuza. Sekukhona nentombazane encane okuthiwa ngithandana nayo, angazi noma isiyazi yini. Anginqabi ukuboniswa. Ngizokwamukela noma yini nokushintshwa ngikulungele,” kusho uNgcobo.