BARBARA MAREGELE
U MNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi eWestern Cape usuqoke ithimba elizohlola ama-website ezikhangiso nadayisa impahla kulandela ukuthuswa ngowesifazane wakulesi sifundazwe okhiphe isikhangiso kuGumtree efuna ozokhulisa ingane yakhe-(adopt) engakazalwa njengeyakhe.
Isikhangiso sikhishwe ngo-Ephreli 17, sifakwe ngowesifazane okhulelwe othe uneminyaka engu-24.
Lo wesifazane waseKuils River, uthe unezinyanga ezimbili ekhulelwe futhi ufuna ukuthi ingane yakhe ithathwe ikhuliswe ngomunye umndeni ngenxa yezinkinga zemali nokuzibophezela esikoleni.
Ucele abafuna ukuthatha le ngane ukuthi baxhumane naye enombolweni yocingo ayifake kulesi sikhangiso.
Iphephandaba elinguzakwabo we Solezwe, i Cape Times lizame izikhathi eziningi ukuthinta le nombolo kepha belulokhu lungangeni.
Ngezikhathi zehora lesikhombisa ebusuku ngoMsombuluko bangu-88 abantu abese bevule lesi sikhangiso.
NgoLwesibili sibonakale sesisusiwe.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eWestern Cape uzamile kodwa wehluleka ukuthola ofake isikhangiso.
UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Albert Fritz, ufanise isenzo sokunikelwa kwengane ku-Gumtree njengokushushumbiswa kwabantu.
“Umuntu wesifazane akakwazi ukukhokhelwa ukuthi anikele ngengane ukuthi ikhuliswe ngabanye abantu. Lolu hlelo kumele lwenziwe ngumnyango wethu,” kusho uFritz.
Unxuse abantu ukuthi balandele uhlelo oluyilo lokunikela ngezingane ngokuthi bathintane namahhovisi omnyango.
Okhulumela amaphoyisa esifundazwe, u-FC van Wyk, uthe isikhangiso besingazange sibikwe kubo.
UNkk Penelope Whitaker wenhlangano yezingane ezingenabani, i-The Child Welfare Adoption Centre, uthe mhlawumbe kumele izinhlangano zabo zikhiphe izikhangiso ezazisa abesifazane ngokuthi yini abangayenza uma befuna ukunikela ngezingane zabo.