SIMPHIWE NGUBANE
ULAHLWE elakubo owesilisa oboshwe ngosuku aphume ngalo ejele ngecala lokubamba inkunzi owesifazane emgwaqweni u-Iron, eVerulam, eThekwini.
Umsolwa uboshwe ngoLwesithathu ebusuku ngemva kwamahora ambalwa kade ekhululwe ngebheyili ejele eWestville.
Inkantolo imnike ibheyili kaR1 500 ngecala lokubamba inkunzi okuthiwa walenza ezinyangeni ezimbili ezidlule kanti uthe ephuma ejele emini, ntambama wenza icala elifanayo, waboshwa.
Okhulumela inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram uthe umsolwa ubanjwe amalungu omphakathi abe esebiza iRusa.
UBalram uthe bashayelwe ucingo ngumuntu obezidlulela ngendlela okuthe uma befika endaweni yesehlo bafica owesifazane ongumgilwa.
“Usibikele ukuthi ubesendleleni ebheke kwakhe nengane yakhe yentombazane eneminyaka emine, ngesikhathi eqaphela ukuthi kunamadoda amabili abalandelayo. Uzame ukubaleka enye yala madoda yabamba isikhwama sakhe,” kusho uBalram.
Ukumemeza kwalo wesifazane kudonse amehlo equlu lamadoda asondele azomlekelela.
“Lawa madoda abe esejaha amadoda amabili abelandela lo wesifazane, abamba eyodwa etholwe nebhande lesikhwama sowesifazane ephaketheni layo. Uzakwabo uphulukundlele wabaleka nezimpahla zowesifazane okukhona neselula,” kusho uBalram.
Uthe umsolwa okuthiwa uneminyaka engu-17 kodwa obukeka emdala kunale minyaka bambopha ezinyangeni ezimbili ezedlule ngecala lokuphanga.
“Ubegqunywe esitokisini eWestville elinde ukuqulwa kwecala lakhe kanti uzodedelwa ngebheyili,” kusho uBalram.
Uthe umsolwa bambophe base bemdlulisela emaphoyiseni aseVerulam.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe alikho icala lokuphanga elibikwe emaphoyiseni ngalesi sigameko.