UPHUME esibhedlela waqonda esitokisini owesilisa odle ushevu nengane yakhe egcine ishonile.
Lokhu kwenzeka ngo-Agasti 3, 2024, endaweni yaseKanana, ngaseKlerksdorp, eNorth West.
Kubikwa ukuthi lo mlisa waba nengxabano nentombi yakhe engumama wezingane zakhe wafuna ngodli izingane zakhe ngayizolo.
Yize umama wezingane waqale wanqaba nazo, wagcina esevuma, wayalela umalume wezingane ukuthi ahambe nazo.
“Uyise wezingane wamukela izingane watshela umalume wazo ukuthi akahambe, umalume uhambe neyodwa ingane eneminyaka emine zasala ezimbili,” kusho okhulumela amaphoyisa aseNorth West.
Lo mlisa akapholisanga maseko, washayela ucingo unina wezingane emtshela izinhlelo zakhe zokuphuza ushevu nalezi zingane. Kwathi kusenjalo lo wesifazane wathola ucingo oluvela kugogo wezingane emtshela ukuthi basendleleni eya esibhedlela ngenxa yomonakalo odalwe uyise wezingane.
Kuvela ukuthi ingane eneminyaka esisishiyagalombili yasinda ngoba yanqaba ukuphuza ushevu, kanti le encane yona yayisesimweni esibucayi kakhulu yagcina ishonela esibhedlela. Umsolwa naye wasinda wakhululwa esibhedlela ngoLwesine, ngoSepthemba 4, kanti kuzokuba wusuku lokuboshwa kwakhe ngecala lokubulala.