UBELOKHU ezimamathekela, engazi nanyaka, owesilisa olahlwe yicala lokubulala ngesihluku unina wengane enxanxatheleni yezitolo iGateway, ngesikhathi enikwa ithuba lokuzicelela isigwebo esincane eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
UMnuz Siphamandla Khumalo (34) ongowokuzalwa KwaNongoma, waboshwa ngo-Agasti 4, nyakenye, emva kokugwaza ephindelela uNksz Nomfundo Msibi (30) emhubheni obheke erenki yamatekisi ngosuku olufanayo.
Isigameko senzeka emva kokuthi uKhumalo eyenge umufi ngokuthi abahlangane ezitolo ukuzokhipha ilay-by yakhe, ababeyenze ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, besathandana.
Eme okokuqala ngqa ebhokisini lofakazi, ucele uxolo enkantolo nasemndenini kamufi, wathi uyazisola ngesenzo sakhe. Lokhu ukusho emoyizela.
Uqhube wathi ucela inkantolo imnike isigwebo esingaphansi kukadilikajele (okuyisigwebo esinikwa abantu abenze icala elifanayo) ngoba wuye owondla umndeni kubo, aphinde ondle nendodana (5) ayithola kumufi.
Udalule ukuthi umndeni wakhe, okungodadewabo abahlanu (alahlwa nabo ngabazali babo bebancane) nezingane zabo ezintathu, sebeke balale bengadlile njengoba yena esezikhindini.
Uveze nokuthi enkontilekeni yokwakha, ubenabasebenzi ebebesebenza ngaphansi kwakhe, abebeholelwa wuye, ngaleso sizathu ufisa inkantolo imcabangele uma isimgweba.
“Nasemphakathi wangakithi, bengiwusizo. Bengibakhela abantu ngemali encane, abanye ngibavumele ukuthi bangikhokhele sekwedlule isikhathi emva kokuxoxa,” kusho uKhumalo.
Uveze ukuthi baqala ukuthandana nomufi amfica enengane eyodwa ngo-2016, bathola izingane ezimbili, eyodwa yazo yashona, basala nale ekhona.
Ummeli wakhe kahulumeni, uMnuz Phumelele Daniso, umyalele ukuthi acacise eyowesilisa ayehamba naye ngosuku lwesigameko, okwavela ukuthi umfowabo, njengoba ebeseveza ukuthi uye yedwa ongowesilisa kwabo.
“Lowo umfowethu ozalwa ubaba omncane,” kuphendula uKhumalo.
Sekuthatha umshushisi woMbuso, u-Advocate Krishen Shah, umbuze ukuthi yini abethi uyayixolisa enkantolo nasemndenini kamufi?
UKhumalo uthe uxolisela isenzo sakhe esibhedayo asenza, wathi waqala ukuzisola ngaso sekuphele izinsuku ezimbili esenzile.
“Emndenini kanina wengane yami ngixolisela nokuthi ngesikhathi engiyophuma ngaso, sikwazi ukuxhumana nabo njengoba kukhona ingane ekhona,” kuzicelela uKhumalo.
UShah usole uKhumalo ngokuthi akanakho nhlobo ukuzisola, akushoyo ukusho ngoba egwema ukugwetshwa udilikajele.
“Uma umuntu exolisa, inkantolo uyivezela konke okwenzeka. Uyayitshela inkantolo nokuthi kungani enza leso sigameko,” kusho uShah.
UKhumalo ube eseveza ukuthi yena wayengahlosile ukubulala umufi kodwa yinto nje eyenzeka egajwe ukudinwa, ukuthi umufi uyahluleka ukukhipha i-lay-by yakhe.
Nokho uShah uthe ngaphandle kokuthi uKhumalo waya kohlangana nomufi ehlome ngohalakasha lommese, waya khona engayiphethe imali yokukhipha i-lay-by ayefuna ikhishwe nokushiya umbuzo wokuthi kanti yini ayethi abayoyihlanganela eGateway uma kwakungesiyona indlela yokumthola ukuze ambulale.
UShah uphinde wathi okunye okudweba isithombe sokuthi wayehlose ukumbulala umufi ukuthi waqala wamgwaza ngesikhathi umufi eseqale ukuthatha amagxathu ehamba eya esokeni lakhe ayefike nalo ngosuku lwesigameko, uKhumalo ayesazi ngalo njengoba wake walishayela ucingo phambilini, elitshela ukuthi alihlukane nonina wengane yakhe.
“Wayesehamba. Wena waqala wamgwaza. Kwathi noma esebaleka, ememeza esho ukuthi nakhu umgwaza, wamjaha, wagxavuna, wamgwaza uphindelela, waze wamnquma, umnqumisa okwesilwane,” kusho uShah.
UKhumalo wehlulekile ukuphawula kulokhu.
Enza izethulo zokugcina uDaniso uthe uyazi ukuthi icala elenziwe uKhumalo egwaza umufi amanxeba angu-22 ngenyanga okuhlonishwa ngayo abantu besifazane, isigwebo salo udilikajele.
Uthe kodwa inkantolo ayikhumbule ukuthi usemusha, uyaqala ukona, uyondla kubo, ukhule ngaphandle kwabazali waze wangasiqeda nesikole nokuthi icala wayengalihlelanga kodwa lenzeka emva kokuba egajwe ukudinwa.
UShah uthe inkantolo kufanele imunike isigwebo esiqinile njengoba lize lafika ekugcineni icala engakhombisi ukuzisola, ukuxolisa kwakhe kungaphatheki, futhi ehlulekile ukusho isizathu esizwakalayo esadala ukuthi abone uNksz Msibi engafanelwe ukuphila.
IJaji uJacqueline Henriques likuhlehlisele inamuhla ukugwetshwa kukaKhumalo.