UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthi bazongenelela odabeni lwakwaShembe njengoba sishubile isimo emuva kokuthi inkantolo yokudlulisa amacala ithole ukuthi uNyazilwezulu alufanele ukuhola ibandla.
Ngeledl;ule ngoLwesihlanu uZikalala uthe babonile ukuthi kunokusatshiswa kwamanye amalungu nokungaboni ngaso linye phakathi kwamalungu ezinhlaka ezehlukene zaKwaShembe.
Inkantolo inqume ukuthi uNyazilwezulu lwehle esihlalweni ngoba inkosi uVela Shembe eseyakhothama iyona eyayifanele ukuhola ibandla.
“Sizoxhumana nazo zombili izinhlaka ezithinteka odabeni lobuholi. Akusikhona ukuthi sizophikisa isinqumo sasenkantolo kodwa sizokwenza isiqiniseko sokuthi kuhlalwa phansi kulungiswe udaba ngaphandle kokuthi kuze kube nodlame. Maningi kakhulu amalungu ebandla lakwaShembe futhi siyaziqhenya ngalo ngakho sisungule ithimba elizoqinisekisa ukuthi kuba nesixazululo.”
Ithimba elizosebenzisana nabakwaShembe ukuthola isixazululo lizoba noNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli, uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNkk Peggy Nkonyeni, nowezoLimo, uNkk Bongi Sithole-Moloi.
UZikalala uthe ithimba lizothulwa kwaShembe maduzane ukuze kulungiswe udaba.
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe bebengakathintwa ngezinhlelo zikahulumeni zokudala uxolo ebandleni. “Akukho esisatshelwe khona kodwa ngifisa sengathi kungaxoxwa ngokuthula njengamakholwa kungabi bikho ohlukumezekayo,” kusho uMncwabe izolo ebusuku.
Okhulumela uhlangothi lwaseThembezinhle, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe baxhumanile nohulumeni ngalolu daba. “Sixhumene nohulumeni ikakhululazi uNgqongqoshe wezokuPhepha eKZN uMnuz Bheki Ntuli, osazisile nokuthi umtshelile uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuqhubekayo ngodaba lakwaShembe ngesikhathi eseBergville. Kuyasijabulisa nokuthi nondunankulu uyangenelela. Siyakwamukela ukuthi azolalela zombili izinhlangothi ngoba nathi sifuna ukuthula,” kusho uMthethwa.
Mayelana nokuma kokusebenza eRichards Bay Minerals (RBM) uZikalala uthe benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi isimo sibuyela kwesejwayelekile.
“I-RBM bekufanele ivule kuleli sonto kodwa ayivulanga ngenxa yokuthi abaphathi bayo babe nezingqinamba ezithile. Singenelile ngoba iRBM yinkampani enkulu eqashe abantu abangaphezu kuka 5 000 futhi eqhubekayo nokutshala imali emnothweni wezwe. Kuyasikhathaza ukubulawa koMnuz Meshack Mbuyazi emuva komhlangano wokuzama ukuthola isixazululo,” kusho uZikalala.