UMANGAZWA ukuvuswa kwecala elidala lezibhamu udadewabo womsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela.
Udadewabo walo msakazi, uNkk Lindi Mthembu, utshele Isolezwe ukuthi kuyiqiniso ukuthi amaphoyisa agasela emzini kaZimdollar ngo-2020, athola izibhamu nenjini.
Uthe ngesikhathi egasela amaphoyisa abalula ukuthi ahletshelwe othile ngezibhamu ezithukuswe ophahleni lwendlu.
UNkk Mthembu uthe udadewabo wabambisana namaphoyisa, wawatshela ukuthi ayikho inkinga angazibheka izibhamu azozifuna.
“Ngempela zatholakala izibhamu ophahleni lwendlu, udadewethu wahamba nawo amaphoyisa waya esiteshini,’’ usho kanje.
Uveze ukuthi uZimdollar wawazisa amaphoyisa ukuthi yize umuzi okwatholwa kuwo izibhamu kungowakhe kodwa yena akahlali kuwo, abahlala khona amalungu omndeni ahlukene.
Uthe kusukela ngawo lowo nyaka kwathula kwathi nya ngalelo cala udadewabo akakaze avele enkantolo.
Uthe kuyabamangaza-ke manje ukuthi selivuswa yini njengoba selizovuswa ngo-2023. Uthe akukho okunye ababona ukuthi kuyimbangela yokuvuswa kwalo ngaphandle kwenkulumo uZimdollar ayenza emsakazweni athe yiyo emdonsele amanzi ngomsele.
“Siyavuma ukuthi kungenzeka ukuthi kwaba yiphutha akwenza kodwa kwakungekho okubi ayekubhekise embuthweni wamaphoyisa,’’ usho kanje.
Kodwa uthe wayekade ehlose ukuzwakalisa ubuhlungu bakhe ngokubulawa komfowabo omdala okwenzeka ngo-2009.
Uveze ukuthi bathola ukuthi ukubulawa kukamfowabo kwakungaqondisiwe kuyena, kwakukade kufunwa ubhuti wakhona onamatekisi. Umfowabo wabulawa ngamaphoyisa agcina esegwetshiwe.
Ukhale ngokuthi bona njengomndeni babelindele ukuthi amaphoyisa eze ezoxolisa emndenini ngokubulala umfowabo.
NgoLwesihlanu lo msakazi ugcine ethunyelelwa amasamanisi okuthi avele enkantolo yeMantshi yaseShowe ngoDisemba ngalo leli cala.
NgoLwesihlanu, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi lo msakazi uthunyelelwe incwadi emcela ukuba avele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseShowe ngoDisemba 12, 2023.
“Lokhu kulandela udaba lwangoNovemba 2020, lapho amaphoyisa athola isibhamu i-AK47, i-22, i-303, izinhlamvu nenjini yemoto eyayicishwe izinombolo,’’ usho kanje.