UKHATHAZEKILE umkhandlu olawula othisha kuleli, iSouth African Council for Educators (Sace), ngokwanda kwamacala othisha abalala nabafundi, kanjalo nabasashaya abafundi ekubeni induku seyavalwa.
Lokhu kulandela ukubikwa kwamacala angu-1 327 othisha ababhekene nawo ahlukene, amanye athinta ukudakwa besemsebenzini, ukukhwabanisa imali yesikole nokusabisa ozakwabo ngokuthi bazobasoconga.
UNksz Ella Mokgalane, isikhulu esiphezulu se-Sace, utshele amalungu ekomiti loMnyango weMfundo eyisiSekelo, ePhalamende ukuthi kudingeke ukuthi kulo nyaka wezimali u-2021/2022, basule unomphela othisha abangu-19, ngamacala ahlukene.
Uthe othisha abahlanu bona basulwe ohlwini lokufundisa isikhashana esithile, bazobuye babuyiselwe uma sekubuyekezwa isigwebo sabo.
“Laba abangu-19, ngeke baphinde bakwazi ukufundisa kuleli njengoba besulwe unomphela ohlwini lokufundisa. Sikhathazekile ngokwanda kwamacala athinta ukushaya, ekubeni induku yavalwa kudala ezikoleni.”
Uthe othisha besilisa yibona abanesibalo esiphezulu sabalala nabafundi.
“Siyabona zikhula izibalo zothisha besifazane abahlukumeza izingane zabafana ezincane, abalala nazo. Bona isibalo sabo singu-7% kuya ku-9%. Kukhona nabasabisa abanye ngokuthi bazobabulala, okungamacala esibikelwa wona.”
Uthe omunye wothishanhloko base-Eastern Cape, ungomunye wabasulwe unomphela ohlwini lokufundisa emuva kokutholakala necala lokuthuma umfundi ukuthi ayomkhiphela iselula yakhe emgodini wendlu yangasese esikoleni.
UNksz Mokgalane ukhale ngokuthi amanye amacala bagcina bephunyuka abasolwa ngoba bungekho ubufakazi obenele, noma abazofakaza.
“Uthola kwesinye isikhathi umfundi engasafuni ukufakaza. Lokhu kusenza singakwazi ukuqhubeka nophenyo, umsolwa agcine ephunyukile. Sithembele kubantu ukuthi basibikele ngamacala, bese kuba nofakazi.”
Uthe kumele kucace ukuthi bona beyiSace umsebenzi wabo wukubhalisa kuphela othisha, hhayi ukubaqasha.
“Umsebenzi wokuqashwa kothisha ulele eminyangweni yezifundazwe. Okwethu wukubhalisa othisha abasha endimeni. Sibhalise othisha abangu-43 326 onyakeni u-2021/2022.”
Uthe nakuba benalo uhlelo lokubhalisa othisha besebenzisa ubuchwepheshe besimanje, kodwa iningi lothisha likholelwa ekuzifikeleni mathupha emahhovisi lizobhalisa.
Uhlabe ikhwelo kwabahlukunyezwa ngothisha ukuthi baphumele obala babikele umkhandlu, ukuze kuphenywe bese kuthathelwa osolekayo izinyathelo uma kunobufakazi obenele.