SINGASE sivalwe thaqa isibhedlela esizimele esiKwaZulu-Natal, iSt Augustine, ngemuva kokuba kutholakale ukuthi abahlengikazi abawu-11 sebengenwe yiCoronavirus.
Izolo abasebenzi bakulesi sibhedlela bebechwaza beshayela nabezindaba izingcingo bebika lolu daba, bethi besaba nokuthi lesi sibhedlela sizongakubiki lokhu naseMnyangweni wezeMpilo wesifundazwe.
“ Yinqwaba yamanesi okubuye imiphumela kwavela ukuthi baneCovid 19...manje kuvalwe isibhedlela kuthiwa akungaphumi muntu. Kuyachwaza njengamanje lapha esibhedlela abanye bayakhala ngoba abazi noma nabo sebenaso yini lesi sifo. Mina ngisaba ngisho ukubuyela ekhaya ezinganeni zami ngoba ngingase ngizithelele ngoba angizazi noma nginayo yini,” kusho omunye umsebenzi obekhuluma nephephandaba izolo.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane- Zulu, ukuqinisekisile ukuthi kunabahlengikazi asebehaqwe yigciwane kulesi sibhedlela.
Uthe bahlela nokuthi lesi sibhedlela basivale thaqa ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwaso, nabanye bathole ukuhlolwa.
Uveze nokuthi namahlanje abasebenzi bezempilo bazogasela eMlaza ukuze kuhlolwe inqwaba yabantu ukuthi abangeniwe yini yilo mkhuhlane.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Zwelini Mkhize izolo uthe bawu-1 505 abantu osekuqinisekisiwe ukuthi baneCorona kuleli.
Abawu-43 kubona baqinisekiswe izolo okubalwa nababili baKwaZulu-Natal abadlule emhlabeni ngenxa yalesi sifo.
Kubona kubalwa izaguga ezimbili esinye sino-80 kuthi esinye sibe no-81. Omunye ushone ngo-Ephreli 2, omunye washona ngo-Ephreli 1. Kumanje bayisikhombisa osekuqinisekisiwe ukuthi sebeshonile ezweni lonke.