THOKOZANI NDLOVU noMBALI KHANYILE
SIMANZONZO isimo sebandla lamaNazaretha ngaphansi komholi uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, emva kokusabalala kwezindaba ezithi abanye babaholi baphendukele amakhosi ezizwe asebandleni.
Lokhu kwenzeka emva kokuthi kusabalale izinsolo ezithi uNyazilwezulu lusayiniswe incwadi eqoka abameli abasha bebandla, lukhonjwe ngezibhamu.
Iphephandaba linemiqhafazo lapho kuqoshwe khona abanye babagcotshwa bebandla, bethi kumele kuchitheke igazi ebandleni ngoba kukhona asebedle amandla oNyazilwezulu.
Bakhomba ngenjumabane amanye amakhosi asebandleni, ukuthi yiwona aphoqe uNyazilwezulu ukuthi lushintshe abameli. Kuze kwaphuma nohlu lwamakhosi okuthiwa akusamele avunyelwe ukungena eBuhleni, ngoba esolwa ngokuxova ibandla ngokuthatha abameli abasha.
Lokhu kwenzeka emva kokuqokwa kommeli uMnuz Mbongeni Myeni, kwachithwa isazi sezomthetho uMnuz Lizwi Ncwane, ukuthi siqhubeke nokuba wumxhumanisi wabameli bebandla noNyazilwezulu.
Kuthintwa uMyeni, ugeqe amagula ngesimo athe kasisihle ebandleni. Unxuse nokuthi kungenele nabaholi bepolitiki ukuxazulula isimo sebandla ngaphansi koNyazilwezulu ngoba uma bekhankasela ukhetho bayafika eBuhleni, bazocela izibusiso.
“Kumanje asisakhululekile ngisho ukuhamba emphakathini njengoba abantu betshelwa amanga ngathi. Lokhu kuza emva kokuthi nginikwe umsebenzi wokuthi ngibe yiPower of Attorney yoNyazilwezulu ukuluphenyela ngayo yonke into eyenzekayo ethinta icala nokunye. Lokhu akusho ukuthi senginikwe amandla angaphezu koNyazilwezulu kodwa nginikwe amandla okuluphenyela izinto ngokuthunywa yiyona iNkosi. Ngelanga okusayine ngalo uNyazi ukuthi ngithathe lo msebenzi, bekungu-Agasti 28, 2022 siseNtabazwe. Akukho muntu owayephethe isibhamu, noMnuz Lizwi Ncwane wayekhona futhi wuyena owaze waqinisekisa ubaba uNyazi ngamaphepha awasayina ukuthi akukho okungahambi kahle ngawo,” kuchaza uMyeni.
Uthe nangesikhathi kusayinwa amaphepha amnika amandla ukuthi enze umsebenzi woNyazi, kwakukuhle noNyazilwezulu luhleka kukuhle. Kodwa umuntu athe ubona ukuthi wuyena osefaka abantu umoya nguNcwane njengoba yena egudluziwe emsebenzini wakhe abewenza. Uthe bekungekhona okokuqala kushintshwa abameli ebandleni, sekungokwesithathu. Kodwa umuntu ongakaze ashintshwe wuNcwane ngoba ubehlala ekhona engumeluleki. Uthe okwenze ashintshwe manje wukuthi naye uMyeni uyilungu eliphelele lebandla lamaNazaretha futhi angakwazi ukukhuluma noNyazi ngqo ngaphandle kokudinga umxhumanisi.
Kuthintwa uNcwane uthe ngeke akwazi ukuphendula ngokushiwo wummeli uMyeni, amaNazaretha mawalinde ngoba lolu daba lusaxazululwa ngaphakathi. Uthe amalungu ebandla azokwaziswa uma konke sekuphothuliwe ngohlelo oluqondile.
Uthe okwamanje akumele kube yizindaba ezitshelwa umphakathi ngoba kuseyizindaba zangaphakathi. Ukuphikile ukuthi wuyena oshusha abafundisi ukuthi babuke kabi amakhosi, wathi bayabuhlonipha bonke ubuholi bebandla.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe amaNazaretha mawalinde sekuseduze avele obala umuntu oqamba amanga oxova ibandla. Uthe unxusa amaNazaretha ukuthi angathathi izinhlangothi kulolu daba ngoba azosala wodwa uma sekuvela iqiniso. Ukhale ngokuthi okwenzekayo kubahlekisa nezimbangi zabo uma sebexabana bodwa kanje.