INHLANGANO yezepolitiki kuleli, i-IFP, igqemeke engeqiwa ntwala kudlula emhlabeni umholi wayo obebukeka enekusasa eliqhakazile kwezombusazwe, engozini yemoto izolo.
I-IFP namhlanje ekuseni idlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaNxumalo kulandela ukushona kukaMnuz Mthokozisi Nxumalo (32) engozini yemoto okuthiwa yenzeke KwaNongoma, ngeSonto ebusuku.
UNxumalo, obeyilungu lephalamende, ubengusihlalo wegatsha lentsha kwi-IFP, i-IFP Youth Brigade, kanti ngoJanuwari nonyaka uqokwe njengeSekela likaSotswebhu we-IFP ephalamende.
“Ubengusopolitiki ohlakaniphile futhi ozinikele emsebenzini wakhe, obebukeka enekusasa eliqhakazile, obehlale elangazelela ukufaka isandla futhi akhulumele abamkhethile njengomholi. UNxumalo emsebenzini wakhe ubeke eqhulwini ukulwela ukufukulwa kwabantu abasha,” kusho okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa.
Ephalamende uNxumalo ubesekomidini lemisebenzi yomphakathi nengqalasizinda, nelemfundo ephakeme, ezesayensi nobuchwepheshe kanti uke wasebenza nasekomidini lezokumbiwa phansi.
“Sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo kunina, uNksz Junerose Mkhwanazi, ingoduso yakhe, uNksz Nozipho Mpungose, nezingane zabo, uThandolwethu noQhawe, nakuwo wonke umndeni wakwaNxumalo, abangani bakhe nozakwabo kwiYouth Brigade nakwi-IFP.”
I-IFP ithe ilahlekelwe kakhulu ngokudlula kukaNxumalo obeyilungu lephalamende elincane kunawo wonke amalungu ale nhlangano ephalamende. UHlengwa uveze nokuthi uNxumalo ubewumholi oqotho futhi obethandwa kakhulu kwi-IFP nasephalamende.
Ngaphambi kokuqokwa njengelungu lephalamende, ubewumengameli weSouth African Democratic Student's Movement (Sadesmo).
I-IFP icele ukuthi umndeni unikezwe isikhathi sokuzila, imininingwane yenkonzo yesikhumbuzo nezinhlelo zokufihla, izomenyezelwa ngesikhathi esifanele.