KUDINGEKA ngaphezu kukaR16 billion ukuze uMnyango weMfundo eyisiSekelo uqinisekise ukuthi zonke izikole kuleli zinengqalasizinda efanele kanjalo nothisha bakwaGrade R.
U-R12 billion kule mali ngowengqalasizinda ethinta ukwakha amakilasi ezikoleni ezingenawo, kanjalo nokuphucula amakilasi ezikoleni ezinawo.
U-R4.6 billion ngowokuholela othisha baleli banga, okufaka nokulinganisa amaholo abafundisayo abahola imali engalingani nothisha abaqashwe ngokugcwele.
Lokhu kuvezwe nguMnuz James Ndlebe obhekele ezokuphatha emnyangweni, otshele amalungu ekomiti lezemfundo ephalamende, ukuthi badinga le mali uma kuphasiswa izichibiyelo ezenziwe emthethwenisivivinywa, iBasic Education Laws Amendment Bill (Bela).
Ngokwalo mthethosivivinywa, leli banga lizoba yimpoqo njengoba phambilini bekuwuGrade 1 oyimpoqo.
Okunye okuqukethwe wumthethosivivinywa yisigwebo abazali okumele basinikwe uma benqabela izingane zabo ukuthi zifunde, eyokuvalwa kwenduku, eyokudayiswa kotshwala ezikoleni uma kunemicimbi yokuqoqa imali, eyokunika amandla inhloko yomnyango wezemfundo ngolimi oluzofundwa esikoleni kanjalo noma isikole sesigcwele.
UNdlebe uthe zingu-14 780 izikole ezinamakilasi kaGrade R, ezingu-7 888 zidinga ukwakhelwa lawa makilasi.
Uthe bangu-6 177 othisha abaqashwe ngokugcwele abafundisa leli banga, abangu-19 767 baqashwe yiminyango yezifundazwe ebakhokhela imiholo engalingani.
“Sinabafundi abevile ku-760 000 kwaGrade R. Ngokwesiphakamiso esikhona uthisha oyedwa uzofundisa ikilasi labafundi abangu-40. Othisha abaqashwe ngokugcwele kwaGrade R bakhokhelwa uR2.6 billion, ngakho ukuze silinganise umholo walabo abaqashwe yizifundazwe ngokwehlukana, sidinga omunye uR2 billion.
Lokhu kusho ukuthi isiyonke imali esiyidingayo yokuholela othisha bakwaGrade R inguR4.6 billion,” kusho uNdlebe.
Uthe njengoba uGrade R ungene ngaphansi komnyango wabo, usuka kowezenhlalakahle bebengalixhasi leli banga.
Kuphakame imimoya emhlanganweni amalungu e-DA uMnuz Baxolile Nodada noNksz Marina van Zyl nelungu le-ACDP uNksz Marie Elizabeth Sukers, adube aphuma emhlanganweni ekhala ngosihlalo wekomiti uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, ukuthi uhlabela phambili nomhlangano ekubeni kunezinto abakhala ngazo.
Kudingeke ukuthi uNkk Mbinqo-Gigaba, awuhlehlise umhlangano njengoba besingavumi isibalo sokuthi uqhubeke ngoba amalungu ePhalamende abesemahlanu, ekubeni ukuze kuthathwe izinqumo kudingeka abe yisithupha.
UNodada ukhale ngokuthi zibalelwa ku-32 000 izethulo zomphakathi nezinhlangano ezizimele ezenziwe ngalo mthethosivivinywa kodwa zincane ezisacutshunguliwe.
“Ngeke sivume ukuthi kuqhubeke lutho zingabhekiwe iziphakamiso zomphakathi. Lo mthetho kuhloswe ngawo ukuphuca amandla izikole, ngeke sivumele i-ANC ukuthi ibulale imfundo.”