UKHALE ngesibalo esiphezulu sosonkontileka abahlinzeka ngokudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal umqondisi jikelele eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Mathanzima Mweli, esenza abafundi bangakwazi ukudla ekuseni nasemini.
UMweli uthe umnyango wesifundazwe ngeke wakwazi ukuhlinzeka abafundi ngokudla kabili ngosuku,ngenxa yokuthi uqashe osonkontileka abaningi.
Uthe lolu hlelo lokudla alufani, kwezinye izifundazwe abafundi bayakwazi ukudla kabili ngosuku.
"Akusoze kwenzeka eKZN ukuthi abafundi bahlinzekwe ngesidlo sasekuseni, baphinde badle nesasemini ngenxa yokuthi kuqashwe osonkontileka abaningi abahlinzeka izikole ngokudla. Lokhu kwenziwa ngukuthi kubiza kakhulu ukubakhokhela," kusho uMweli, ekhuluma ekomitini lasePhalamende izolo.
Uthe yingakho babefuna kwenziwe izinguquko kulolu hlelo lokudla ukuze abafundi bakwazi ukuthola into eyodwa ezweni lonke.
Bangaphezu kuka-1 700 osonkontileka abaphakela izikole eKZN.
Lolu hlelo luhlomulisa abafundi abangu-9.8 million, nsuku zonke.
I-KZN yisona sifundazwe esinesibalo esikhulu sabafundi abadlayo nsuku zonke njengoba bengu-2.4 million. Kulandela iLimpopo ngabangu-1.6 million ne-Eastern Cape ngabangu-1.5 million.
"Yingakho sasifuna ukuthi lwenziwe umuntu oyedwa ukuze songe imali. Kodwa kwagcina kubhuntshile lokho, kodwa sisenethemba lokuthi kusangenzeka," usho kanje.
Uthe uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo uNksz Siviwe Gwarube, umatasa kwakhiwa uhlelo lokuthi kongiwe imali ngaphansi kwalolu hlelo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi ethatha izintambo nyakenye uNksz Gwarube wamisa uhlelo olubuyekeziwe lokudla ezikoleni olwaluzodla cishe uR10 billion. Kwasuka umsindo emuva kokuba kuputshuke ulwazi lokuthi ngaphansi kwalolu hlelo kwakuzohlomula umuntu oyedwa.
UNksz Gwarube wathi uzolumisa ngoba kumele luphinde lubuyekezwe kahle ngoba akukwazi ukuthi kungahlomula umuntu oyedwa ohlelweni lwemali engaka kahulumeni.
Amalungu ePhalamende akhale ngokuthi kwezinye izifundazwe uthola ukuthi kuthiwa abakhokhelwe abahlinzeka izikole ngokudla ekubeni ikhona imali.
"Kumele sichazeleke ukuthi kanti isebenza kanjani imali yalolu hlelo esuke iyi-grant (awukwazi ukuyisebenzisela ezinye izinto ngaphandle kokukhokhela ukudla). Uthola ukuthi eKZN kunezinkinga zokungakhokhelwa kwabaphakela izikole ekubeni imali ikhona," kusho uNksz Nompumelelo Gasa weqembu i-MK.
Sekuyinsakavukela ukungakhokhelwa ngesikhathi kwabahlinzeka izikole ngokudla eKZN. Baze basabise ngokuthi ngeke bakuhambise ukudla uma kungukuthi umnyango awubakhokhele.
Umnyango wesifundazwe uhlale ukhala ngokuthi awunayo imali eyenele njengoba imali eningi ikhokhela amaholo othisha.