UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuzwelonke uNksz Sindisiwe Chikunga uveze ukuthi nakuba ungakakhishwa ngokusemthethweni umbiko ngezibalo zabadlule emhlabeni nababoshelwe amacala okwephula umthetho womgwaqo ngempelasonto yePhasika, zikhombisa ukwenyuka uma ziqhathaniswa nezanyakenye.
UNksz Chikunga ukusho lokhu izolo ngesikhathi ehambele isivimbamgwaqo eMooi River Toll Plaza, KwaZulu-Natal.
“Asikazokhuluma ngezibalo okwamanje kodwa engingakusho ukuthi asenzi neze kahle. Uma ubuka izibalo, uziqhathanisa nalapho esasikhona ngalesi sikhathi nyakenye, sesisedlule leso sibalo,” kusho uNksz Chikunga, othe bazosikhipha izitatimende esinezibalo eziqinisekisiwe maduze.
Uthe bekungaba kuhle ukuthi iNingizimu Afrika ibe nempelasonto yePhasika lapho kuthiwa akubanga khona muntu oshonile engozini yemoto.
“Ayikho into engasijabulisa njengokuthi uma kunezimpelasonto ezinde noma amaholidi afana nalawa, kungabibikho muntu oshonayo ezingozini zomgwaqo,” kusho uNksz Chikunga.
Uthe abakuqaphelayo ukuthi abantu banomkhuba wokwenza umathanda emgwaqweni.
Uthe namanje basasho ukuthi izingozi eziningi ezenzeka emigwaqweni yakuleli ezigcina zidlula nemiphefumulo, zidalwa ubudedengu babantu.
“Kudinga sishintshe ukwenza singabantu. Ucwaningo lukhomba ukuthi kunabantu abaphuza utshwala bese bengena ezimotweni, bashayele.
“Olunye lukhomba ukuthi bathi uma beqeda ukuphuza, bayohamba emgwaqweni ngezinyawo, bese beshayiswa yizimoto,” kusho uNksz Chikunga.
Uthe okunye kuba yisivinini esiphezulu abantu abakhetha ukuhamba ngaso emgwaqweni, kugcine kudaleka izingozi ezingenasidingo futhi ezidala omkhulu umonakalo ezweni nasemindenini.
“Umuntu oshayela engaphuzile, angakwazi ukuthi asheshe abone ubungozi, bese esheshe eyabugwema. Angakwazi ukuthi asheshe aqaphele ukuthi noma ngabe kubhalwe ukuthi isivinini sokushayela kuleyo ndawo sithi 120km ngehora, kanjalo noma kunesimo esiphoqa ukuthi anciphise, angakwenza lokho, mhlawumbe ashayele ngo-60km ngehora kodwa abantu abaphuzile bangena ezimotweni maqede bagijime emgwaqweni bese bebulala abantu,” kusho uNksz Chikunga.
Uqhube wathi nabo benguhulumeni, bazoqinisekisa ukuthi bayazilungisa izinto ezifana nemigodi emigwaqweni nokuthi imigwaqo isesimeni esikahle.