Ukuphepha kuhlala kuqala kuzo zonke izikhathi zokuma zokulungisa izimboni zeSappi
Image: Sithunyelwe
Minyaka yonke, izimboni zakwaSappi - eSaiccor, eTugela, naseStanger - zenza umsebenzi obalulekile wokulungiswa imishini yenkampani.
USappi kanye nama-contractors akhe baphinde badale amathuba omsebenzi wesikhashana womphakathi wendawo kanye namathuba amasha emabhizinisini omphakathi wendawo nge-shut.
E-Saiccor Mill, i-shut yakulo nyaka ibe nkulu, idale amathuba omsebenzi abangaphezu kuka-1,000 kumphakathi owakhelene nawo, baqashwe ngendlela yesivumelwano somphakathi - Integrated Local Community Forum (ILCF).
UMziwakhe Dlamini we-Isizwe Samalanga uthi: "Sikubheka njengenhlonipho yeSappi yokubuyisela emphakathini."
Image: Sithunyelwe
E-Tugela nase-Stanger nakhona basebenzisane nama-ILCF kwaqashwa abasebenzi bendawo abangu-370 abanamakhono ahlukene kwaphindwa kwadaleka amathuba kosomabhizisi bendawo
UNomvelo Ngidi, umsunguli weBonito Cleaning – ibhizinisi elasungulwa ngowesifazane eMandeni, usedale amathuba omsebenzi angu-44. Ngesikhathi se-shut eTugela Mill, waphinda, waqasha abantu abangu-110, iningi labo kungabesifazane.
UMziwakhe Dlamini we-Isizwe Samalanga, inkampani yezobunjiniyela KwaDukuza, waqasha abantu abangu-50 ngesikhathi se-shut eStanger Mill, okuhlanganisa nabesifazane abayishumi.
“Lolu lwazi lube wusizo olukhulu, futhi siyabonga kakhulu ngaleli thuba,” kusho uDlamini.
Osomabhizinisi bendawo bahlomule kumathuba angaphezu kuka-R5 million eSaiccor, osomabhizinisi bendawo bahlomule kumathuba angu kuka-R4 million eMandeni naKwaDukuza.
Iqembu lakwaSappi le-Enterprise and Supplier Development (ESD) lisebenzisana namalunga omphakathi minyaka yonke ukukhulisa osamabhizinisi bendawo.
Image: Sithunyelwe
“Inhloso yethu ukukhulisa osomabhizisi bendawo abakhelene noSappi,” kusho uLesiba Lamola, Regional Manager we-ESD Procurement eSappi Southern Africa.
I-ILCF no Sappi basayina isivumelwano sokuthuthukisa kwemphakathi eyakhelene noSappi kubandakanye nokudaleka kwamathuba omsebenzi endaweni kanye namathuba kosomabhizinisi bendawo.