ISAZI esiwungoti kwezomnotho uMnuz Khaya Sithole sithi kunganzima ukuthi kudliwe umuzi wowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma eNkandla ngoba ungaphansi kweNgonyama Trust.
Lokhu kulandela ukuthi labo abaqoqa izikwelweti zebhange iVBS befuna ukuthi uZuma abuyise uR7.3 million awuboleka kuleli bhange.
Ngokwamaphepha asenkantolo uZuma waboleka ngaphezulu kukaR 7 million kuleli bhange ngo-2016 ngoba ethi une-bond yalo muzi ayithatha ebhange.
USithole uthe uZuma angakwazi ukuphunyuka kulokhu angadlelwa umuzi ngokuthi athi iVBS yaba budedengu ngesikhati imboleka imali. “Ngeke kube lula ukuthi udliwe umuzi kaZuma. Ngicabanga ukuthi abaqoqa izikweleti bayamsabisa ngokuthi bathi bazodla umuzi wakhe ukuze akhokhe. Umbuzo obalulekile wukuthi angakwazi yini ukubuyisa le mali?”
UZuma wasebenzisa le mali ayiboleka kueli bhange ukukhokhela ezinye zezinto ezahlatshwa ngowayenguMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela, owathi kunezinye zezinto okwakungamele uhulumeni azenze ngoba zazingahlangene nezokuphepha.
U-Advocate Madonsela wanquma ukuthi kumele azikhokhele lezi zinto ephaketheni lakhe.
Ngesikhathi ibhange linikeza uZuma le mali kwaba nemibuzo eminingi, kwavela nokuthi leli bhange libudedengu.
Ibhange laveza ukuthi bavumelene kahle noZuma ngakho ngeke kube nezinkinga.
UMnuz Paul Hoffman, we-Institute for Accountability in Southern Africa, utshele i-eNCA ukuthi ngeke akwazi ukusho ukuthi umuzi kaZuma ungadliwa yini bese udayiswa esidlangalaleni. “Ukudayisa umuzi ongaphansi kweNgonyama Trust ngenxa yokukhokha isikweletu sikaZuma kungaba nezinkinga ngakwezomthetho.”
UHoffman utshele i-Independent Media ukuthi iVBS uthe ingakwazi ukuphumelela ekudleni umuzi kaZuma uma kukhona i-bond. “Lokhu kungaphumelela uma umnikazi womuzi, abeNgonyama Trust, nomnikazi walesi sikhwama okuyiSilo uGoodwill Zwelithini, sivumile ukuba kuthathwe i-bond yomuzi, noma uZuma ethi umhlaba owabantu bakwaNxamalala hhayi oweNgonyama Trust. Kodwa kumaphepha asenkantolo, ibhange lifake incwadi eveza ukuthi uZuma uqashile kusukela ngo-2011 kuleya ndawo.”
UHoffman uthe: “Baboleka umuntu ongeke akwazi ukubuyisa le mali, umuntu izingane zakhe ezikhokhelwa imali yokufunda abanye abantu.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kweNgonyama Trust, abameli baZuma kanjalo nomkhulumelayo uMnuz Vukile Mathabela ayiphumelelanga.