I-ANC ithi ngeke ube ubukhazikhazi umcimbi wakulo nyaka wokugubha usuku okwasungulwa ngalo le nhlangano, owaziwa ngeJanuwari 8.
Le nhlangano ithe ngeke isebenzise imali eningi ekuhleleleni umcimbi wokugubha iminyaka engu-110 kwasungulwa inhlangano.
Lokhu kungenxa yokuthi inhlangano ibhekene nenkinga yemali.
Lokhu kuvezwe ilungu lesigungu esiphezulu kule nhlangano, uNkk Nomvula Mokonyane, ngesikhathi ekhuluma kwisithangami nabezindaba, ngoLwesine.
Umcimbi wakulo nyaka uzoba sesifundazweni iLimpopo, ngoMgqibelo.
UNkk Mokonyane uthe ngeke kube umqondo ophusile ukuthi bakhiphe unyawo ekuhleleni lo mcimbi ozoba seLimpopo ekubeni kunabasebenzi bale nhlangano abangaholile.
“Sikwazi kahle kamhlophe ukuthi ngeke kubukeke kahle ukuba sikhiphe unyawo ekuhleleni umcimbi ekubeni abasebenzi benhlangano bengaholile futhi kunemihlomulo abangayitholile.”
UNkk Mokonyane uthe akulula ukuhlela lo mcimbi njengoba inhlangano ibhekene nezinkinga zemali.
“Sizama konke okusemandleni ukuthi umcimbi ube yimpumelelo. Kancane kancane, izinto ziyahlangana. Sisebenzisa lokhu okuncane okukhona ukwenza ukuthi umcimbi ube impumelelo.”