UMHOLI weqembu uMkhonto weSizwe, uMnuz Jacob Zuma, kulindeleke ukuthi ahambele inkulumo ebhekiswe ezweni ezothulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa eCity Hall, eKapa, namhlanje ebusuku, emuva kweminyaka eyisikhombisa ayiduba.
UZuma ubengalubhadi kule nkulumo selokhu asuswa ekubeni ngumengameli wezwe ngo-2018.
Ungesinye sezimenywa esiqinisekise ukuthi sizohambela lo mcimbi ehlanganyela nozakwabo oMnuz Thabo Mbeki noMnuz Kgalema Motlanthe. Phambilini, ubengaqinisekisi ukuthi uzoba yingxenye yalo mcimbi selokhu uRamaphosa aqala ukuyithula.
Ukuhambela kukaZuma kwale nkulumo kuqinisekiswe esithangamini sabezindaba izolo, ebesibizwe nguSomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, noSihlalo weNdlu yoMkhandlu weziFundazwe, uNkk Refilwe Mtsweni-Tsipane.
“Singakuqinisekisa ukuthi ababengomengameli bezwe oMnuz Mbeki, Motlanthe noZuma bazoba yingxenye yomcimbi wenkulumo ebhekiswe ezweni. Alikho iqembu eliveze ukuthi lizoduba inkulumo,” kusho uNkk Mtsweni-Tsipane.
Zingu-2 000 izimenywa ezilindelekile kulo mcimbi oqala ngokuthi izimenywa ezihlanganisa amajaji, izimantshi, ondunankulu bezifundazwe, osomlomo beziShayamthetho, nabanye, bahambe kukhaphethi obomvu lapho zisuke zishiyelana khona ngengqephu.
UNkk Didiza uthe ngeke kudliwe ungakapheli lo mcimbi njengoba kuke kwaba nesikhalo ngejiki elinikeliwe, obekusatshelwa ukuthi kukhona abazolidlonya bese bephazamisa.
“Ukudla neziphuzo okunikeliwe kwenzelwe izimenywa zamalungu ePhalamende. Singanxusa ukuthi kudle zona kuqala ukuze kuthi uma kuphela, amalungu akwazi ukuzibonela ukuthi adlani. Ngeke kudliwe ungaphelile umcimbi,” kubeka uNkk Didiza.
Esicelweni se-DA sokuthi umbutho wokuvikela ungaviliyeli, uthe basidlulisele eMnyangweni wezokuVikela, ukuthi usibheke.
“Ngokwezinhlelo zale nkulumo umbutho wamasosha uzoviliyela ngezindiza, bese kuqhunyiswa ka-21, ukuhlonipha umcimbi. Sisitholile isicelo sokuthi kwehliswe ukuviliyela nesibalo samasosha ukuhlonipha amasosha asale enkundleni eyibambe e-DRC. URamaphosa nguyena umkhuzi wamasosha, ngakho umnyango kumele unqume ngalesi sicelo,” kusho yena.
Uveze ukuthi ngoMsombuluko ozayo, izoba sezithebeni zePhalamende eyesehlakalo sokushona kwamasosha e-DRC.
“Amaqembu azophefumula ngalesi sibhicongo, bese kudluliswa namazwi endunduzo. Kuzoba nenkulumo mpikiswano ngenkulumo kaRamaphosa, ngoLwesibili nangoLwesithathu, bese ephendula ngoLwesine.”
Lo mcimbi kuvele ukuthi kubekwe u-R6 million njengoba nanyakenye kwakubekwe imali elinganayo ukuwuhlelela.
Laba baholi bathe abanankinga namaqembu abiza izithangami zabezindaba ethi enza inkulumo ebhekiswe ezweni.
Bathe yinto ehlale yenzeka ngakho abayixwayi.