INJABULO kubantu bakwaDakadaka, KwaQwabe, eMthandeni iqembu leMK Party liletha usizo kulabo abakhahlanyezwa isishingishane esahlasela ngenyanga edlule sashiya kukhalwa ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal.
Leli qembu linezinyanga ezimbalwa lasungulwa kodwa lingelinye lamaqembu asukumela phezulu uma kunesimo esiphuthumayo emphakathini.
Yize lingangenanga kuhulumeni wokubambisana ukuqinisekisa ukuthi yilona eliholayo esifundazweni, liyaqhubeka nokuxhumana nemiphakathi liphose esivivaneni.
Angu-130 amakhaya akule ndawo alimala ngesikhathi kuhlasela isishingishane esahamba saze sayophelela eBallito sinqamula oThongathi lapho okwadaleka khona umonakalo omkhulu.
Abantu bakule ndawo yaseMthandeni, KwaMaphumulo abasalanga ngaphandle kwabatholelwe usizo yiqembu leMK ngesikhathi lizama imizamo yokuphosa esivivaneni.
Leli qembu lahambela imizi ekhahlamezekile libheka ukuthi abantu bangasizakala kanjani ngaphambi kokuba bafake izicelo kubaxhasi abahlukene ngosizo oludingekayo.
Nebala u-Ismael Mohamed nozakwabo enkampanini iPak Plastic esoThongathi basabelile basamukela isicelo kumalungu ale nhlangano ngesikhathi ecelela izakhamizi umphakathi.
UMuzi Qwabe ongomunye wabaholi beMK kule ndawo, ubonge kakhulu uxhaso abaluthole kule nkampani nathe bayakujabulela ukuthi kukhona umehluko abeza nawo emphakathini wakubo.
Ezintweni okunikelelewe ngazo umphakathi kukhona imibhedi kanye namaphasela okudla.