LUYETHEMBISA ucwaningo olubheka ukuthi imithi yesintu ingakwazi yini ukuthithibalisa igciwane lesandulela ngculazi.
UNksz Khanyisile Mngomezulu weNyuvesi yaKwaZulu-Natal, obekhuluma engqungqutheleni edingida ngengculazi nezifo zocansi ezithathelanayo e-Afrika, i-21 International Conference on Aids and STI's in Africa, eqhubekayo eThekwini, uthe le nyuvesi ihlola imbiza abayibiza ngoNkabinde, eyalethwa umelaphi wendabuko, uNkabinde, waKwaZulu-Natal.
Abazange balidalule igama lakhe eliphelele kanjalo nelembiza namakhambi amane asetshenzisiwe.
Uthe lo melaphi wendabuko wayeyisebenzisela ukwenyusa amasosha omzimba kwabanesandulela ngculazi okuthe uma ebona ukuthi iziguli zakhe zibika ukuthi ziyelulama wase eyinikeza uMnyango wezeMpilo ukuze lihlolwe ngokwesayensi.
"Kule mbiza kuhlanganiswe amakhambi amane esingeke siwadalule ngoba isivumelwano sethu nomelaphi wendabuko sisho njalo. Le mbiza umelaphi ugaya isiqu namacembe ndawonye bese eyakubilisa, thina bese sishintsha lolo ketshezi silwenze impuphu okuyiyona esiyisebenzisayo uma sesenza ucwaningo e-laboratory. Ucwaningo lwethu silwenze ngamakhambi amane ahlanganiswe ukwenza le mbiza sathola ukuthi elinye lala makhambi liyethembisa kodwa le miphumela kusengeyesikhashana, kusamele siphinde sicwaninge kabanzi," kusho yena.
Ebuzwa ukuthi ngesikhathi beqala ucwaningo bebefuna ukubonani ngale mbiza, uthe inhloso bekuwukuthi babone ukuthi iyakwazi yini ukubulala igciwane lesandulela ngculazi egazini kodwa bagcina sebebheka ukuthi iyalithithibalisa yini leli gciwane.
Okwamanje uthe kusesekuseni ukuthi bangachaza ukuthi ngabe yini le ekule mbiza eyelaphayo noma ekwazi ukuthithibalisa leli gciwane ngoba lokho basazokuhlola.
Abazange bachaze noma zikhona yini ezinye izimbiza abazihlolayo.