UPHIKO oluphenya amacala abucayi i-Special Investigations Unit, seluphothule uphenyo lwezicelo zenhlawulo ezingu-108, ezifakwe eMnyangweni wezeMpilo KwaZulu-Natal ezizodla imali eyevile ku-R2.4 billion.
Lokhu kuvezwe yiNhloko yalolu phiko u-Advocate Andy Mothibi ngesikhathi ethulela ikomiti elibhekele ukusebenza kwemali yomphakathi, i-Standing Committee on Public Accounts (Scopa) ePhalamende, igxathu asebelihambile ukuphenya ngezicelo ezibopha umnyango okukholakala ukuthi ezinye zazo zenziwa ngabameli abaqhuba inkohlakalo ezifundazweni ezehlukene.
KwaZulu-Natal nje kuphela, uMothibi uthe lolu phiko luthole izicelo ezingu-2 440 ezifakwe eMnyangweni wezeMpilo kulesi sifundazwe zemali eyevile ku- R29.1 billion, kanti kuzona sekuphothulwe uphenyo kweziwu-108.
“Kwezingu 107 osekuqediwe ngophenyo lwazo, eziwu-76 kuzona kutholwe ukuthi okufakwe ngabo izicelo sebashona, okwenze ukuthi imali engu- R1 715, 500, 250,00 isuswe emalini yenkokhelo. Kudluliselwe ophikweni lwezokushushiswa komphakathi (NPA) amacala abandakanya abameli nabanye abasolwa abatholwe namaphepha okushicilelwe kuwo imininingwane yeziguli, antshontshiwe,” usho kanje.
Uthe ngophenyo sekugwenywe ukulahleka kwesamba esevile ku- R2.4 billion kulesi sifundazwe, selokhu kuqale uphenyo, kanti bonke abathinteka kulo bugebengu kubalwa abameli nabasebenzi bezempilo, bazoshushiswa.
Lolu phiko luthi izicelo eziningi ezihlawulisa umnyango, zigxile ebudedengwini obenzeka ngesikhathi kubelethiswa, okuholela ekukhubazekeni kwezingane. UMothibi uthe ezinye izicelo zifakwe ngeziguli zingenalo ulwazi ngazo, kanti kwesinye isikhathi abameli abebezenza osonhlalakahle bebevakashela abantu asebekhulile abahlala nezingane ezashiywa ngabazali, babhalise imali yesibonelelo kanti babasayinisa amaphepha okufaka izicelo.
Inkampani yabameli i-Nonxuba Attorneys ezinze eGoli, okuthiwa seyivele ithweswe amacala ngokusemthethweni, ifake ezicelo ezingu-44 zalolu hlobo eMnyangweni wezeMpilo e-Eastern Cape, okuyimali engu- R497 million obekumele ikhokhwe umnyango kulesiya sifundazwe.
UMothibi uthe phakathi kuka-2010 no-2016, izicelo ezifakwe eNkantolo eNkulu yaseMthatha nje kuphela zinyuke zafinyelela ku-529 zisuka ku-46.
Uthe ubufakazi buveza ukuthi kunokusebenzisana phakathi kwabameli, abahlengikazi nodokotela ukuqhuba le nkohlakalo.
Umthetho ogunyaza ukuphenywa kwenkohlakalo eyenziwa izikhulu eminyangweni kahulumeni usayinwe uMengameli Cyril Ramaphosa ngo-2022