Abasebenzi abasolwa ngokuphazamisa ukusebenza kukamasipala, abangamalungu eSA Municipal Workers Union (SAMWU), abafuna ukuthi iholo labo esigabeni uCatagory 10, lilingane nabanye abasebenzi abasebenza kwabanye omasipala abangama-metro kuleli. Umasipala uziphendulela ngokuthi ngeke ukwazi ukuthatha isinqumo ngalezi zikhalo ngoba zisadingidwa ezingeni likazwelonke.
Phambilini, ubungafuni nokuba nomhlangano nale nyunyana ngoba uthi lolu daba akukafaneli ulukhulume singakakhishwa isinqumo ngalo kuzwelonke kodwa kuleli sonto imenenja kamasipala, uMnuz Musa Mbhele, ithe umasipala uhlangene nenyunyana ngoba awukho umgomo othi akumele bakhulume nabasebenzi babo noma ngabe isinqumo ngesikhalo sabo kumele siphume kuzwelonke.
Abaholi benyunyana iSAMWU abaphumeli obala ngokuthi ngabe lesi siteleka sisaqhubeka yini, bathi abasebenzi babuya emsebenzini njengoba beyalelwe yinkantolo. Umasipala uthe unezinhlelo zokwengezelwa kosonkontileka abalungisa ugesi namanzi isikhathi sokusebenza ngalesi sikhathi, ukuphelezelwa ngamaphoyisa kwabasebenzi abangekho esitelekeni, amavolontiya ahlanza idolobha kodwa eminye imiphakathi isalokhu ikhala.
Kusukela ngoFebhruwari 27, kuningi osekwenzekile, ngakolunye uhlangothi, umphakathi osunengwe ukungalethwa kwezidingo nawo usuphumele ezitaladini ukhombisa ukucasuka kwawo, ngokubhikisha ushise amathayi avuthayo uvale imigwaqo, ufuna amanzi nogesi.
Amaqembu ezepolitiki aphikisayo athi sekuyisikhathi sokuthi iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda nemenenja yalo masipala, uMnuz Musa Mbhele, bashiye izikhundla zabo ngoba umsebenzi ubehlulile, kodwa uMbhele uthi uMasipala weTheku ungomunye womasipala abathathu abaphethwe kahle kuleli.
Usihlalo wenyunyana yabasebenzi I-Independent Municipal & Allied Trade Union (Imatu), eThekwini nayo enamalunga ayo kuMasipala weTheku, uNksz Queen Mbatha, uthe le nyunyana ayikho esitelekeni kodwa iyingxenye yezingxoxo ezidingida lolu daba.
Uthe abasebenzi abangaphansi kwale nyunyana abakwazi ukufinyelela emphakathini ngoba bayesatshiswa, abanye bashaywa ngamatshe.
-Kunomsebenzi oshaywe wabulawa ehambise abasebenzi abamba imigodi emathuneni ase-17 eMlaza, abanye baphelezelwa ngamaphoyisa uma beyosebenza.
-Abangu-13 abangamalungu eSAMWU baboshelwe amacala okudala udlame emphakathini nokulimaza impahla kamasipala. Badedelwe inkantolo ngebheyili kaR2 000 umuntu emunye.
-Abangu-88 bakhonjwe indlela
Abangu- 81 bamisiwe
Abangu-1800 banikezwe izincwadi zokuthi abaziphathanga kahle.
UMbhele uthe umonakalo odaleke eThekwini ngenxa yalesi siteleka usabalwa kodwa ungaphezulu kuka-R10 Million.
Akuzona izakhamizi kuphela ezikhathazekile ngesimo saseThekwini kodwa nosomabhizinisi, ngenxa yokukhathazeka kwabo, uNdunankulu uNkk Nomusa Dube Ncube, kudingeke ukuthi akhulume neDurban Chamber of Commerce, ayimise idolo ngalesi simo.
Abezempilo bakhathazekile ngokunqwabelana kukadoti osulahlwa ezindaweni ezingafanele ngoba ungalandiwe.
UDkt Carmen James uthe imfucuza elahlwe ezindaweni ezingafanele ingadala ukuthi imifula nezikhungo zamanzi zingenwe indle.
“Indle idala igciwane le-e.coli, udoti udala izimpethu, izimpukane nezinye izinambuzane. Uma sekunalezo zinambuzane kuba namagundane nezinyoka eziyingozi kubantu.
Njengamanje umphakathi ubheke ukuthi ngabe amasonto amabili athenjiswe yimeya, azophela isimo sesibuyele ngempela yini kwesejwayelekile.