LIDLULISELWE eNkantolo eNkulu yasePort Shepstone icala lomfundi osolwa ngokuba umalugaju obevele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe.
Le nkantolo inqume ukuthi umsolwa ona-17 waseMthwalume avele enkantolo engenhla kusasa.
Ubhekene necala lokuzama ukubulala, ukushaya ngenhloso yokwenza ucansi nokuthumba umfundi oneminyaka eyisithupha okuthiwa wamcathamela ephuma esikoleni wamhudulela esikhotheni wazama ukumdlwengula. Kukholakala ukuthi wamgqema ngetshe ekhanda wamshiya ecabanga ukuthi ufile.
Umsolwa, okuvela ukuthi ubefunda u-grade 9 kwesinye sezikole ezikule ndawo ngesikhathi eboshwa, zimkhalele ngenyanga edlule emva kokuthathwa amalungu omphakathi amnikela emaphoyiseni.
Kuthiwa uphinde wavuma icala lokubulala uSinethemba Ngcece (8) waseMakhoso khona eMthwalume, naye okukholakala ukuthi walandelwa ngendlela efanayo njengoba isidumbu sakhe kuthiwa satholwa abafana ababebhukuda silahlwe osebeni lomfula, sihlinziwe futhi sesiqala ukonala. USinethemba wayesenamasonto amathathu enyamelele.
Emasontweni adlule inkantolo iphinde yengeza icala lokubulawa kukamgilwa kulawa abhekene nawo umsolwa. Ngesikhathi evela bekuvunyelwe kuphela ilungu lomndeni wakhe, okuthiwa yingoba usemncane ngokweminyaka, usengaphansi kwesandla sabazali. Okhulumela inhlangano elwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane endaweni, i-Women of Mthwalume, uNkk Bongekile Sithole, uthe imindeni yabagilwa ibiziwe yaziswa ngesinqumo senkantolo. Bakholwa ukuthi njengoba selidluliselwe eNkantolo eNkulu, sebezovunyelwa ukwethamela icala.