KHETHA SANGWENI
UKHALE ngaphansi umholi weDA uMnuz John Steenhuisen, echithwa yibamba likaSomlomo wePhalamende, uMnuz Lechesa Tsenoli, ngesikhathi efuna kuphikiswane ngezinsolo zokuthi elakuleli lixhase iRussia ngezikhali. USteenhusien ubefake isicelo kuSomlomo sokuthi udaba ludingidwe ePhalamende ngoba kufuneka iqiniso ngalo.
Inxusa lase-USA, uMnuz Rueben Brigety, lisuse isidumo lithi elakuleli lisize iRussia, ngezikhali ngesikhathi ilwa ne-Ukraine. Kuthe ngemva kwesikhathi uBrigety, waxolisa ngalokhu akushilo. Yize exolisile kodwa umsindo uyaqhubeka ezweni futhi abantu bathi kumele uhulumeni aphumele obala.
IRussia ishiye kukhalwa e-Ukraine, iyicoboshisa ngezikhali namabhomu kwalala uyaca. USteenhuisen uthi uphoxekile ngoba usomlomo uvele wathi wudaba oluyinzwabethi lolu. Wathi nakuba luyinzwabethi kodwa selwenze umonakalo omkhulu ngesithunzi sezwe kwamanye amazwe omhlaba.
“Uma lokhu kuyihaba kufanele uRamaphosa akuphike kuzwakale futhi aphumele obala bese esinika ubufakazi. Kuze kube yimanje uNgqongqoshe wezokuVikela, uNkk Thandi Modise, akakaze aveze ubufakazi bokuthi umkhumbi waseRussia wawuthweleni,’’ kukhononda uSteenhuisen.
Uhulumeni wakuleli ugcine ethe uzokwenza uphenyo oluzoholwa yijaji ukuze kutholakale iqiniso ngodaba.