LIHOXISIWE icala ebelethweswe uNobhala we-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza, uMnuz Siphesihle Zulu, obesolwa ngokushaya umkakhe bemhlanganyela nentombi.
Phambilini kuvele ukuthi uZulu ubesolwa ngokuthi uhlanganyele umkhakhe nentombi bamshaya walimala kanzima, kwathiwa yisigameko esenzeke eMtunzini, lapho kuqashe khona lo mholi. UZulu ubeboshwe nentombi okuthiwa wayeshaya nayo umkakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe impela icala lihoxisiwe emuva kokuvela kwabasolwa enkantolo.
“Umgilwa wayebike ukuthi wahlaselwa abantu ababili abaziwayo bamshaya walimala ngesikhathi eseMthunzini. Wathi lokhu kwenzeka emuva kokuba kube nokuhilizisana. Wayelimele ekhanda waze wangeniswa esibhedlela eyokwelashwa. Abasolwa ababili baboshwa base bevela eNkantolo yeMantshi eMthunzini, kodwa icala lahoxiswa emuva kwalokho,” kusho uLt Colonel Gwala.
Isolezwe ngeSonto libike ngokuboshwa kukaZulu futhi kwaqinisekiswa amaphoyisa athi uvelile eNkantolo yeMantshi eMthunzini, ebhekene necala lokushaya umuntu amlimaze. Abaxoxa udaba bathi lokhu uZulu bekumfaka ehlazweni ngoba kuyinyanga yabesifazane futhi kubhoke izigameko zokuhlukunyezwa kwabo. Okufaka kakhulu ingcindezi wukuthi umholi enhlanganweni ebusayo
Kusolwa ukuthi umkakhe wafica uZulu enentombi, wavuka indlobane wagcina eseshawa waze walimala kabi. Umthombo owazi kahle udaba upotshozele Isolezwe ngeSonto ukuthi bekunovalo lokuthi uZulu uzoshenxiswa esikhundleni. I-ANC inomthetho wokuthi umholi ohamba icala kufanele ashenxe esikhundleni kuze kube liyaphothulwa enkantolo.
Kuthiwa unkosikazi kaZulu unqume ukulivala icala emuva kokuthi ebone ngenye indlela. Ngesikhathi uZulu eboshiwe ngesonto eledlule, kuthintwe uNobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Bheki Mtolo, wathi bazolinda umbiko wesifunda ngodaba.