NKOSIKHONA CELE
KUNCONYWA isibindi sebandla labasindisiwe, iCottonland Restoration Centre elineminyaka emibili kodwa elikwaze ukwakha isakhiwo sika-R500 000.
Isakhiwo saleli bandla siseMahlabathini, eVerulam, lapho obekunendumezulu yenkonzo yokuvulwa kwaso ngokusemthethweni.
Umholi waleli bandla nguMfu Bonginkosi Hlophe (38) ophinde futhi abe ngusihlalo wenhlangano ehambisa izinkonzo emanyuvesi aKwaZulu-Natal, i-Jesus For Student Organization.
Le nkonzo ibizinyaniswe ukuphuma ngobuningi kwabazalwane baleli bandla kanye nebebevela kwamanye amabandla.
Izikhulumi eziningi ziwachome uphaphe lwegwalagwala amakholwa aleli bandla ngokuthembeka aqinisekise ukuthi uyaqalwa uze uphothulwe umsebenzi wokwakhiwa kwalesi sakhiwo.
UMbhishobhi Vusi Dube, ongumholi weThekwini Community Church (ECC), uncome kakhulu umholi waleli bandla ngokuba umholi oqotho nothanda kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu.
Ulethulele isigqoko ibandla ngokuthi lithi ibandla liseneminyaka emibili nje kuphela kodwa likwazi ukumelana nenselelo yokumisa isakhiwo lisiqede.
"Nonke nidinga ukunconywa kakhulu ngomsebenzi eniwenze ngokubambisana niqinisekisa ukuthi lo msebenzi uyaphumelela. Lo msebenzi eniwenzile awumncane nje nhlobo. Nikhombisile ukuthi niwuthanda kangakanani umsebenzi kaNkulunkulu,'' usho kanjena.
UDube uyena oqhube umsebenzi wokuvulwa ngokusemthethweni kwesakhiwo njengoba esike iribhoni sekungenwa ngaphakathi. Uphinde wagcoba ngamafutha uHlophe.
UMfu Andile Majola naye ubashayele elikhulu ihlombe leli abazalwane baleli bandla nobuholi balo obuphezulu.
Uthe kuyancomeka ukuthi benze umsebenzi omkhulu kangaka ngesikhathi nje esifishane ibandla elisungulwe ngaso.
UHlophe ubonge ukusebenzisana okuhle athe kuyabonakala phakathi kobuholi bebandla nabazalwane.
Uthe selokhu lisunguliwe ibandla abazalwane bakhonza ngeqiniso futhi bakhombisa uthando olujulile ngebandla likaNkulunkulu okuyinto athe imhlaba kakhulu umxhwele.
Uthe uma konke kuqhubeka kanjena kulokoza inhlansi yethemba ngekusasa elingcono.
Leli bandla ngasemaphethelweni onyaka owedlule linikelele ngegilosa kaKhisimuzi amalungu omphakathi antulayo angu-200.
UHlophe waveza ukuthi basebenzise imali elinganiselwa ku-R100 000 benza loyo msebenzi.