BONISWA MOHALE
KUPHELILE ukukhala emakhoneni ngokuphathwa kabi yizitolo nezinye izinhlaka ezibhekelele abathengi kubantu baKwaZulu-Natal njengoba sekunohlaka oluzoxazulula izinkinga zabo.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, wethule ngokusemthethweni iKwaZulu-Natal Consumer Tribunal.
Uthe lolu hlaka luzoxazulula izinkinga zabathengi ngaphandle kokwenzelela nokusaba ngoba akekho ozogxambukela emsebenzini walo.
USihlalo weKwaZulu-Natal Consumer Tribunal, uSolwazi Bonke Dumisa, uthe bazozibheka zonke izinkinga zabathengi besebenzisa uMthethosisekelo.
Uthe akudingeki ukuthi abathengi babe nemali ukuze bafake izikhalo kwiKwaZulu-Natal Consumer Tribunal ngoba bonke abaxazululi bezikhalo bangabameli abawazi kahle umthetho.
“Akufani nasenkantolo lapha. Uma umuntu ebe nenkinga nesitolo noma nenkampani ekhiqiza okuthile uzokwazi ukuzosichazela okwenzekile. Sizombuzisiza ukuze sithole umnyombo wesikhalo sakhe. Abantu siyabagqugquzela ukuthi basibikele uma kukhona abanganeme ngakho. Sizosiza wonke umuntu, ohlala emakhaya, edolobheni naselokishini. Siyacela abantu bathinte amahhovisi oMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo ezifundeni zabo,” kusho uDumisa.
Uthe ukuxazulula izikhalo ezijwayelekile kuzothatha izinsuku eziwu-10 bese kuthi ezingajwayelekile noma ezinzima kuthathe okungenani izinyanga ezintathu.
NgoLwesibili, bekugujwa usuku lwabathengi emhlabeni jikelele kanti uKhomishana osabambile wohlaka olubhekelele abathengi eNingizimu Afrika, iNational Consumer Tribunal, uNksz Thezi Mabuza, uhlole impahla engena echwebeni laseThekwini.
Uthe ukusungulwa kweKwaZulu-Natal Consumer Tribunal kuzobasiza ukuthi abathengi babe nendawo abazokhala kuyo esifundazweni sabo.
Ukhumbuze abathengi ukuthi banelungelo lokwazi ukuthi impahla ivela kuliphi izwe, ikhiqizwe kuphi nokuthi inakekelwa kanjani.
Ngesikhathi ehlola impahla eFreight Station okuyinkampani emukela impahla engena echwebeni laseThekwini, uNksz Mabuza uthole ukuthi enye ayinawo amalebuli afanele wacela ukuthi ayihlukaniswe ukuze abayithumelile bezohlawula.
IJaji u-Isaac Madondo ugqugquzele abathengi ukuthi bafake izikhalo zabo kwiKwaZulu-Natal Consumer Tribunal ukuze abayisebenzelayo bengeke bahole mahhala.
Ukhuze nomkhuba wokuthi abantu uma bengeneme ngokuthile bashise ingqalasizinda.
Ukufaka isikhalo kwiKwaZulu-Natal Consumer Tribunal ungashayela u-0332642831, noma uthumele i-email [email protected]. Ungashayela nenombolo yamahhala ewu-0800 333 667.