IPHILISI elisha elithithibalisa igciwane lengculazi, elethulwe izolo lizosiza ekunqandeni ukuthi abanaleli gciwane uma beya ocansini nabangenalo bangesuleleki.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Zweli Mkhize wethule iphilisi elisha, eliyinhlanganisela yamaphilisi amathathu i-tenofovir/lamivudine/dolutegravir (TLD) eMthwalume, ngoLwesithathu.
Ucwaningo oluhlaziywe yiWorld Health Organisation (WHO) kulo nyaka lukhombisa ukuthi iTLD ilehlisa kangcono igciwane lengculazi egazini, uma iqhathaniswa ne-Efavirenz esetshenziswa njengamanje.
Kuvela ukuthi uma igciwane selithithibalisiwe yiTLD laze lafinyelela esigabeni sokuthi lingakwazi ukuziphindaphida, isiguli ngeke sisalidlulisela komunye igciwane. Ngaleyo ndlela kuzoncipha abantu abasha abasuleleka ngegciwane.
UMkhize uthe: “Njengamanje uMnyango wezeMpilo usebenzisana nezinhlangano zaphesheya ezifana nePepfar, iGlobal Fund iGerman Development Co-operation, iCHAI, neThe Gates Foundation ezihlale zivuselela izivumelwano zokusebenzisana. Siyakujabulela ukuthi lezi zinhlangano zihlale zelula isandla zisilekelela empini yokulwa nengculazi nesandulela sayo.”
Uqhube wathi umnyango ufisa ukuthi ngonyaka ozayo ube usufinyelele esibalweni esibekwe yi-United Nations Programme on HIV and AIDS (Unaids) sokuthi * -90% wabantu bakuleli babe sebezihlolele isimo sabo seHIV, * -90% wabanegciwane sebeqalile ukudla imishanguzo yokuthithibalisa igciwane, kuthi * -90% wabadla imishanguzo babe sebenegciwane eselithithibele elingasakwazi ukuziphindaphinda, okwaziwa nge-90-90-90.
Isifunda sasoGwini singesinye sezifunda okulindeleke ukuthi zifinyelele ku-90-90-90 ngenyanga ezayo.
Ezinye izifunda ezingu-14 KwaZulu-Natal kulindeleke ukuthi zibe sezifinyelele kulesi sigaba ngoMashi 2020.