UHULUMENI waKwaZulu-Natal uzosebenzisa uR23 million ukuqasha osonhlalakahle abangu-967 abazolekelela empini elwa nodlame olubhekiswe kubantu besifazane nasezinganeni.
Labo sonhlalakahle abazoba itoho, iningi labo yintsha eneziqu kodwa engakaze isebenze ndawo.
Isifunda ngasinye sizonikwa osonhlalakahle abangu-80 kodwa eThekwini kuzojutshwa abangu-167 ngenxa yobukhulu bendawo.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eKZN, okuyiwo oshayela lolu hlelo, uthi uhlose nokudala amathuba omsebenzi ngalo.
Kulindeleke ukuthi labo sonhlalakahle banakekele futhi beseke abagilwa babeluleke nangokwengqondo, baqinisekise ukuthi bacijwa ngokwanele ukuthi babhekane ngqo nabamangalelwa ezinkantolo.
UNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe ukuqashwa kwalabo sonhlalakahle kuzosiza umnyango ekwenzeni umsebenzi wawo wokulwa nalesi sihlava.
“Umnyango wethu wafaka isicelo eMnyangweni wezeziMali owawufuna ngaso igunya lokuthi uqashe osonhlalakahle ngenxa yokwanda kwamacala athinta udlame olubhekiswe kubantu besifazane nasezinganeni. Labo sonhlalakahle bazothunyelwa kuzona zonke izingxenye zesifundazwe,” kusho uNkk Khoza.
Uthe bekufanele baqashwe labo sonhlalakahle uma ngabe kubukwa isimo esingesihle izwe elikusona ngenxa yeCovid-19 nodlame olubhekiswe kubantu besifazane nasezinganeni.
Iningi lalabo sonhlalakahle liqale umsebenzi walo ekuqaleni kukaDisemba kanti kulindeleke ukuthi umsebenzi wabo uthathe izinyanga ezine.
UNkk Khoza uthe labo sonhlalakahle bazosebenzisana namathimba abo emnyangweni ekwenzeni umsebenzi wokufundisa abesifazane nezingane ukuthi bangazivikela kanjani nezinyathelo okumele bazithathe uma bezithola begileka.
INingizimu Afrika isemkhankasweni wezinsuku ezingu-16, olwa nodlame olubhekiswe kubantu besifazane nasezinganeni. Uqale ngoNovemba 25 uphela namuhla.