SEKWENGEZWE isibalo samaphoyisa atshalwe eWentworth, eThekwini, njengoba kuneqembu lemigulukudu okuthiwa lihlalise lubhojozi umphakathi endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kutshalwe abaphenyi bophiko lwe-Organised Crime Investigation ukulekelela ekukhucululeni ubugebengu nokudayiswa kwezidakamizwa kuleya ndawo.
“Abaphenyi bathole umbiko ngomsolwa ecaleni lokubulala, kwase kuthi ngeSonto aqala umkhankaso wawo. Umsolwa oneminyaka engu-21 ulethwe ngummeli wakhe emaphoyiseni emva kokuthi inkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe. Lokhu kulandela ukuthi ubekade ebalekela amaphoyisa kusuka ngoJuni nonyaka,” kusho uCol Mbele.
Kuthiwa ukuboshwa kwabasolwa kule ndawo kulandela ukudutshulwa kubulawe umfana ona-15, esigamekweni esekuboshwe kuso abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-19 no-35.
Laba basolwa bebevele enkantolo ngoLwesibili. Bagcinwe esitokisini kanti bazophinde bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngo-Agasti 10, ukufaka isicelo sebheyili.