NJENGOBA sekusele amasonto amabili kuphela ngaphambi kokukhishwa kwemiphumela ka-matric wanyakenye, kwabaningi ingebhe idla lubi ngenxa yokungazi okumele bakulindele ngosuku lwemiphumela.
Umeluleki wezengqondo, uNksz Anele Nkwanyana, we-Isiqondiso Counselling Services yaseNgwelezane, eMpangeni, weluleke abafundi ukugwema ukucabanga kakhulu ngemiphumela yabo ngalesi sikhathi.
Ekhuluma neSolezwe, uthe nakuba eyiqonda ingcindezi ebhekene nabafundi abebenza u-matric nyakenye, kodwa kufanele bazame ukugxilisa imiqondo yabo kwezinye izinto ukugwema ukuzizwa becindezelekile ngokwedlulele.
“Uma sekuyilesi sikhathi, cishe wonke umfundi usuke engazi ukuthi yini okumele ayilindele emiphumeleni yakhe, nokwenza bazizwe bacindezeleke kakhulu.
“Yingakho ngibeluleka ngokuthi bazame ukugxilisa imiqondo yabo kokwenzeka empilweni yabo manje, bayizibe kancane indaba yemiphumela kuze kushaye usuku lokuphuma kwayo,” kucebisa yena.
Eqhuba uthe abazali nabo kumele badlale indima yabo kulokhu ngokuthi bangafakeli izingane zabo ingcindezi ngokuzibuza inqwaba yemibuzo ngezikulindele ephepheni.
“Lesi yisikhathi lapho abafundi bedinga khona ukwesekwa kakhulu kunakuqala, ngakho abazali abagweme ukwenza nokukhuluma izinto ezizokwenza kube muncu kakhulu kunokuvele kuyikhona,” kusho uNksz Nkwanyana.
Ephetha, unxuse abaphothule u-matric eminyakeni edlule ukuthi bayeke ukufaka ingcindezi kwabasalinde imiphumela, ngoba lokho kungenza bazizwe becindezelekile - bagcine sebenza izinto ezingalungile.
Imiphumela ka-matric wango-2022 kulindeleke imenyezelwe ngoJanuwari 19, bese abafundi beyithola ngoJanuwari 20.
UNksz Kayla Phillips weSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG), uthe abafundi baka-matric kufanele bazi ukuthi ababodwa, kepha kunabantu ababathandayo nababesekayo kulesi sikhathi esinzima kangaka kubona.
“Sihlale sithola izingcingo kubafundi abazizwa bebodwa ngalesi sikhathi ngoba bengazi ukuthi bangakhuluma nobani futhi bebona sengathi akekho umuntu oqonda isimo abasuke bebhekene naso, kepha ngifisa bazi ukuthi akunjalo - bakhona abantu ababakhathalele,” kusho uNksz Phillips.
Eqhuba uphonsele abazali inselelo yokuthi bakhulume nezingane zabo ebezenza u-matric bazitshele ukuthi kunoma yini ezokwenzeka - ayizukushintsha uthando abanalo ngabo, nokuthi bazoba nabo kunoma yini eyenzekayo.
“Kubalulekile ukuthi abantwana bazi ukuthi ababodwa ngalesi sikhathi, nokuyinto okufanele iqinisekiwe yilowo nalowo mzali emntwaneni wakhe. Kepha ngenxa yokungafani kwezimo abantwana abaphila ngaphansi kwazo, sikhuthaza ukuthi baxhumane nathi ku: 080 045 6789 uma bedinga umuntu abangakhuluma naye,” kweluleka uNksz Phillips.