Izindaba

KwaSappi, usuku lwe ‘Mandela Day’ akusona nje isikhathi sokubungaza kepha indlela yokuphila

Partnered Content|Published

Abasebenzi bakwaSaiccor Mill bahambela iPrince Inganekwane Crèche eDududu. Lapho bavolontiya ukupenda amakilasi, bavuselela ingadi, bafaka i-jungle gym, baphinde banikela ngempahla yokudla namathoyizi ezemfundo.

Image: Sithunyelwe

Minyaka yonke mhla ziyi-18 kuNtulikazi, abantu baseNingizimu Afrika bahlonipha usuku luka Mandela ngokwenza imisebenzi yokusiza kwaSappi Southern Africa (SA), usuku lukaMandela akulona nje usuku olujwayelekile, kepha ithuba lokuthi kusetshenziswane nemiphakathi yendawo.

Kulo nyaka, KwaZulu-Natal  amaqembu akwaSappi  abebambisene nabaholi bomphakathi  ukusiza  ezinkulisa, ezikoleni kanye nasemiphakathini.

Lena enye yezindlela uSappi asebenza ngayo ukuthuthukisa imiphakathi akhelene nayo.  

KwaDukuza iqembu laseStanger Mill lanikela ngezingubo zokumbatha nephepha leTypek ekhaya labadala ellibizwa ngokuthi iStanger & District Association for the Aged (SADAFTA). 

EMandeni, abasebenzi baseTugela Mill besebenzisana nekomiti iTugela Mill Integrated Community Forum (ICF) CSI subcommittee, eholwa nguSbongiseni Thwala, balungise inkulisa iSinethemba Day Care Centre.  Phakathi kokunye, obekulungiswa kube ukupenda izindawo zokudlala zabantwana (ama-jungle gym), bavuselela ingadi, banikela nangezinsiza zokufunda, baphinde banikela ngokudla ukulekelela izingane ezingu-71 zalenkulisa.

KwaDukuza, abasebenzi baseStanger Mill banikela ngezingubo zokulala kubantu abadala baseStanger & District Association for the Aged (SADAFTA), baphinde banikele ngephepha leTypek elisekela imisebenzi yansuku zonke.

Image: Sithunyelwe

Ngasenyakatho nesifundazwe, abasebenzi bakwaSappi Forests bakhe ama-jungle gyms ezinkulisa ezimbili; iPhumelela Crèche eKwaMthethwa naseNqolobane Crèche eMtubatuba. Baphinde baphathela abantwana amathoyizi okudlala.

KwaMbonambi Secondary, kwethulwa uhlelo lwengadi yesikole ngokubambisana nenhlangano Ithuba Agribusiness, olukhuthaza ukuphepha kokudla nokuqwashisa ngemvelo.

Maphakathi nesifundazwe, ithimba lakwaSappi Research and Nurseries eTweedie labambisana neRise Against Hunger ukupakisha amaphasela okudla. ENhlazuka, iSappi yasebenzisana noMasipala waseRichmond, uMnyango Wezempilo, kanye nomphakathi wendawo ukulungisa izindlu ezazinikelwe eGabangolwazi Primary School ukuze zisetshenziswe njengenkulisa kanye nesikhungo sezempilo ukulekelela kwezemfundo nezempilo.

Eningizimu yeKwaZulu-Natal, iSaiccor Mill yagxila ePrince Inganekwane Crèche eDududu, lapho  abasebenzi abangama-40 bavolontiya ukupenda amagumbi okufunda kanye nekhishi, bavuselela ingadi, benza ama-jungle gym, baphinde banikela ngokudla, imibhede, izingubo zokulala, namathoyizi okufunda abantwana abangama-140 kulesi sikhungo. Lolu hlelo beluholwa yiSaiccor Integrated Local Community Forum (ILCF) CSI Subcommittee, eholwa nguCllr. Ayanda Ndlovu, njengengxenye yezinhlelo zonyaka zalelikomidi.

Ngokusho kukaTebele Makhetha, oyiHead of Corporate Affairs, eSappi SA,  “Ukuxhumana kwethu nemiphakathi akusona nje isibopho sebhizinisi kuphela kepha isibophezelo sendlela yokuziphatha kwethu.”  

UJames Manana, oyiVice President yakwaHuman Resources, eSappi SA uthe, "sakha ikusasa elingcono -  lesi akusona  isiqubulo nje kwa Sappi kepha yindlela yethu yokuphila nomphakathi wendawo.”

ISappi Forests yafaka amajungle gym ePhumelela Crèche (KwaMthethwa) naseNqolobane Crèche (Mtubatuba), banikela ngamathoyizi nezinsiza zokufunda.

Image: Sithunyelwe

Usuku lukaMandela akulona usuku olwejwayelike, kepha luyingxenye yohambo olukhulu. Amakomiti afana neILCF, kwaSappi ahlale esebenza minyaka yonke ukweseka imisebenzi, ukuthuthukisa amabhizinisi, ukuqeqesha kwamakhono, kanye nokunikeza namathuba kubantu abasha.

👉🏾 Bhalisela iphephandaba lethu lomphakathi, Umphakathi, ukuze ulandele lezi zindaba futhi uhlale uxhumene nemikhankaso yakwaSappi KwaZulu-Natal. Chofoza la ukuze ubhalise.