KUYACACA ukuthi alufuni ukuphela ukhondolo olubi oluhlasele ihhovisi lomkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke elihlala njalo lingena ehlazweni.
Sikhuluma nje uMkhuzi wamaPhoyisa uGeneral Khehla Sitole, usematheni njengoba ebhekene nokumiswa emsebenzini esolwa ngokungaphathi ngendlela.
Kuthiwa ukukhuluma kusukela endabeni yomshini wezingede osebenza ukulalela nokufunda imiyalezo kwamaselula, lo mshini kuthiwa wasebenza engqungqutheleni ye-ANC eNasrec, eGoli, ngo-2017.
Kubikwa ukuthi lo mshini wezinhloli wathengwa ngoR45 million kodwa kukhona okungahambanga kahle ngokuthengwa kwawo. Uphinde asolwe ngokungalekeleli abe-Ipid ngesikhathi benza uphenyo lwabo.
Sekunesikhathi kusabalele amahhemuhhemu okuthi uSitole akezwani noNgqongqoshe uBheki Cele ekubeni kungumuntu abasebenzisana naye. Lokhu kushiye imibuzo ngokuthi bazokwazi yini ukwenza umsebenzi ngendlela efanele uma bengenzwani?
Okunye okufike kwafakela uGeneral Sitole isigcwagcwa, yizibhelu zangoJulayi nonyaka lapho okugxekwe khona amaphoyisa ngokwehluleka.
USitole kade evele phambi kweKhomishini yamaLungelo aBantu ephenya ngalezi zibhelu. USitole uvumile ukuthi abenzanga ngendlela ngesikhathi sezibhelu ekhala ngokuthi ababehlela umonakalo babesezingeni eliphezulu. Ukhale nangokuthi amaphoyisa ayengeke akwazi ukumelana nezibhelu ngoba ayashoda vele.
Kwenzeka konke lokhu nje, izibalo zobugebengu zidla amagalane, ziyenyuka nokuyinto ecasula kakhulu abantu bakuleli ngoba bazizwa bengaphephile. Izibalo ezinyuka kakhulu ezokubulawa kwabantu nokuhlukunyezwa kudlwengulwe kubulawe abesifazane nezingane. Izibalo zekota ezisanda kwethulwa ziveze isithombe esingesihle.
UMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, usanda kujijimeza uGeneral Sitole ngencwadi embuza ukuthi kungani kungafanele amiswe emsebenzini? Ukumiswa kwakhe kuzolandelwa wuhlelo lokuqokwa kwethimba elizophenya ukuthi ukufanele yini ukuphatha lesi sikhundla esibaluleke kangaka?
UGeneral Sitole uqokwe kulesi sikhundla ngoNovemba 2017 futhi kwaba nethemba ngoba uyiphoyisa elimnkantshubomvu emsebenzini. Ukuqokwa kwakhe kwakufanele kuvale ikhasi elidala lapho ababephethe leli hhovisi, bebephuma kabi kulesi iskhundla. UMnuz Bheki Cele waxoshwa ngezinsolo zokungaphathi kahle.
UMnuz Jackie Selebi waphuma ebhekene namacala enkohlakalo agcina emlahlile, wangena ezikhindini wagcina eshonile.
UNkk Riah Phiyega wangena ehlazweni ngesikhathi amaphoyisa eqeda abantu ngenhlamvu eMarikana.
Kuke kwabamba uGeneral Khomotso Phahlane naye owagcina eseboshelwa izinsolo zenkohlakalo yokufakwa kwamalambu aluhlaza ezimotweni zamaphoyisa.
Ngo-Okthoba wonyaka odlule, kuboshwe obeyiphini likaSitole, uLieutenant General Bonang Mgwenya, ngezinsolo zenkohlakalo. Konke lokhu kukhomba ukuthi ikhona inkinga.
Ihhovisi lomkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke lithathwa njengelibaluleke kakhulu ngoba osuke eliphethe ubhekana nomsebenzi wokuvikela impilo nempahla yezakhamuzi zakuleli.
Ungoti wezokuphepha ngaphansi kwe-Institute for Security Studies, uMnuz Gareth Newham uma ehlaziya isimo sombutho wamaphoyisa kuleli, uthi izinkinga zakhona zijule kakhulu kufanele kube noguquko lwangempela uma kufanele izinto zilunge.
Uthe inkinga yokuqala wukungaphathwa ngendlela kombutho. UNewham uthi uma kuke kwangaphathwa kahle phezulu kuzwelonke, kusuke kuzokwehlela nasemazingeni aphansi ukungaphathi ngendlela.
“Ukuqokwa kwabantu abangawufanele umsebenzi futhi kungalandelwa imigudu efanele, kungenye yezinkinga nje okufanele ilungiswe. Into yombutho wamaphoyisa ingalungiseka uma kuzoba neqiniso kuqale kubhekwe inqwaba yabantu abaphethe ukuthi benzani. Umbutho wamaphoyisa unabaphathi abango-general abangu-200, abango-brigadier abangu-600 kanti sebehlangene imiholo yabo idla R1 billion ngonyaka kodwa izwe lingena ehlazweni lobugebengu,’’ kusho uNewham.
UNewham ukhale nangokugxambukela kosopolitiki ezindabeni zokuphathwa kwamaphoyisa.
“Le ndaba yokuvunyelwa kwehhovisi likangqongqoshe ukuba lingene ezindabeni zokuqokwa kwezikhulu, ukukhushulwa kwabantu ezikhundleni nokushintshwa kwabo, idala inkinga. Ezepolitiki zingene zagamanxa emaphoyiseni, ufakazi walokho wukuthi izibhelu zangoJulayi zazihambisana nezimpi ze-ANC,’’ kusho uNewham.
Uphinde wakhala ngokusebenza kwezobunhloli wathi kuyihlazo, kufuna ukulungiswa ngokushesha ukuze izwe liphephe.
Umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Bheki Mngomezulu oseNyuvesi yaseWestern Cape, uthe nakanjani izimpi zezepolitiki ziligubuzele ihhovisi lomkhuzi wamaphoyisa. Uthe lokhu okwenzeka kuGeneral Sitole sekuwukuphela kohambo lwakhe.
“Uma kuthiwa umuntu uzoya ekomitini elizophenya ngokuthi ukulungele yini ukusebenza, kusuke kusho ukuthi kukhona abangeneme ngaye. Kusuke sekulandelwa imigudu nje ukuze bakwazi ukuphendula uma angase aye enkantolo kodwa usuke esexoshwa. Ingcindezi yezepolitiki ihlala ikhona kuleli hhovisi eliphethwe wuSitole,’’ kusho uMngomezulu.
Uyithintile indaba yezibhelu eziqubuke ngoJulayi wathi nayo imfakile enkingeni uGeneral Sitole futhi nayo ingase ibhekwe uma eseketulwa.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe indaba yonakala ngokuthi umkhuzi wamaphoyisa uqokwa osopolitiki bese belindela ukuthi usezoba ngowabo.
“Uma eqokwe yibona usuke esesenkingeni yokuthi kufanele athembeke, enze izinto abazifunayo agcine esengena ezimpini zabo. Kufanele ngabe kunohlaka oluzimele oluqasha abantu ezikhundleni ezibalulekile. USitole nje angimboni edabula kule nto, sekucacile ukuthi bafuna ukumxosha,’’ kusho uKhumalo.