KUBUKEKA iNingizimu Afrika ingazimisele ukuhoxisa maduze amasosha ajutshwe ezweni okusanda kushonela kulo inqwaba yamasosha akuleli, i-Democratic Republic of Congo (DRC).
Elakuleli selibeke eceleni u-R5 billion wokweseka amasosha akuleli ayibambe e-DRC. Lokhu kumenyezelwe uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ethula isabelomali eKapa izolo.
Amasosha akuleli ajutshwe e-DRC njengengxenye yemizamo yokugcina ukuthula. Le mizamo iqhutshwa inhlangano yamazwe aseNingizimu ye-Afrika, iSouthern African Development Community.
Ngasekuqaleni konyaka kwasala enkundleni amasosha akuleli angu-14 ngesikhathi etholene phezulu namavukelambuso eqembu i-M23.
Ukushona kwamasosha akuleli kwasusa inkulumo mpikiswano, kwabakhona abaphakamisa ukuthi awabuye.
Ababephakamisa ukuthi awabuye babekhala ngokuthi awanazo izinsiza ezanele ngenxa yokwehliswa kwesabelomali sombutho wezokuvikela.
UGodongwana uthe le mali izosetshenziselwa ukuqhuba imizamo yokugcina ukuthula e-DRC.
Kunenqwaba yamasosha akuleli asayibambe e-DRC, amanye alimala kakhulu empini asanda kubuyiselwa kuleli.
UMengameli Cyril Ramaphosa, uthe isimo asisihle e-DRC.
Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo, ePhalamende ngoLwesine.
"Isimo sishubile. Lezi zinto ziyenzeka uma usembhidlangweni wokugcina ukuthula. Njengamanje amasosha asesikhumulweni sezindiza, akekho umuntu owahlaselayo."
URamaphosa uthe amasosha akuleli asazoqhubeka ayibambe e-DRC kuze kube kutholakala isixazululo.
"Sifisa ukuthi kube nezingxoxo ngoba izingxoxo kuphela ezingaqeda le mpi."
Abaholi bamazwe aseNingizimu ye-Afrika bazoba nomhlangano maduze lapho bezonquma khona ukuthi kufanele yini ahoxiswe amasosha akula mazwe ajutshwe e-DRC.
UGodongwana uthe bafuna ukubona kuba noshintsho ekusebenzeni kombutho wezokuvikela.
"Sizoqhubeka nokusebenzisana noMnyango wezokuVikela, sibheke izindlela esingashintsha ngazo ukusetshenziswa kwemali emnyangweni ukuze sikwazi ukuthuthukisa umbutho wezokuvikela. Sifuna ukuthi umbutho wezokuvikela usebenzise izindlela zesimanje."
UGodongwana uthe isiyonke imali ebekelwe ukuqinisa ezokuphepha iwu-R9.4 billion, enye yabelwe uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo.