UMASIPALA waseThekwini usunqume ukuqoka inkampani ezimele ezophenya isikhulu sezokuphathwa kwabasebenzi kulo masipala, uNksz Kim Makhathini, osolwa ngokuba neziqu zomgunyathi.
Isinqumo sokuthi kuqokwe inkampani ezophenya uNksz Makhathini sithathwe emhlanganweni womkhandlu obungoLwesithathu.
Lokhu kuvezwe yimeya, uMnuz Mxolisi Kaunda, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo.
UKaunda uthe umkhandlu unqume ukuyalela imenenja kamasipala, uMnuz Musa Mbhele, ukuba aqoke inkampani ezimele ezophenya uNksz Makhathini kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi uneziqu zomgunyathi.
“Inkampani ezoqokwa nguMbhele kufanele iphothule umbiko wayo zingakapheli izinsuku ezingu-30 iqokiwe. Emva kwalokho uMbhele kofanele ethule umbiko wakhe emhlanganweni womkhandlu zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa emva kokuphothulwa kombiko.
Umhlangano womkhandlu uyokube usuthatha isinqumo-ke emva kokuthi sekulandelwe yonke le migudu.”
UKaunda uthe njengamanje umasipala usacubungula isiphakamiso sokuthi amiswe emsebenzini uNksz Makhathini njengoba ebhekene nalolu phenyo.
“Uzonikezwa izinsuku eziyisikhombisa zokuba achaze ukuthi kungani kungafanele amiswe emsebenzini. Incwadi uzoyithola maduze njengoba kunesinqumo somkhandlu esithi akaphenywe.”
UNksz Makhathini usolwa ngokuqamba amanga ngeziqu zakhe ngesikhathi efaka isicelo somsebenzi.
Kunemibiko yokuthi uphenyo lophiko lwangaphakathi olulwa nenkohlakalo kuMasipala waseThekwini, iCity Integrity and Investigations Unit (CIIU), lwathola ukuthi uNksz Makhathini akanazo lezi ziqu azibalula esicelweni sakhe somsebenzi.
UKaunda uphinde waveza ukuthi umhlangano womkhandlu olandelayo uzonquma ngekusasa likaMbhele.
UMbhele ulandelwa yifu elimnyama emva kokuvela kwezinsolo zokuthi wafihla ukuthi uyaphenywa ngesikhathi efaka isicelo somsebenzi wokuba yimenenja kamasipala.
Umthetho awumvumeli umuntu obhekene nophenyo ukuba aqashelwe omunye umsebenzi.
Kuthiwa ngesikhathi uMbhele efaka isicelo salo msebenzi wayephenywa i-CIIU, okuthiwa yaphakamisa ukuthi abekwe amacala.
UKaunda uthe uzokwethula umbiko mayelana nalolu daba emhlanganweni womkhandlu olandelayo.
“Emva kokuthi abezindaba bebike ngophenyo lwe-CIIU, ngibe sengiphuma umkhankaso wokuqinisekisa ukuthi ngabe ukhona ngempela yini umbiko onjalo. Lo mbiko sengiwuphothulile, bese kuba umhlangano womkhandlu onqumayo ukuthi sithatha siphi isinqumo.”
UMbhele ungene kulesi sikhundla ngonyaka owedlule emva kohlelo lokuqashwa kwemenenja yalo masipala olwasusa umsindo.
Ithimba elalinikezwe umsebenzi wokuqasha imenenja kamasipala elaliholwa uKaunda lalikade liphakamise igama likaMnuz Max Mbili, oyimenenja kamasipala waseRay Nkonyeni, ukuba kube nguye othatha lesi sikhundla.
Lolu hlelo lwaqalwa phansi emva kokuthi amaqembu aphikisayo echithe igama likaMbili, kwagcina kuqokwa uMbhele.