INTATHELI YESOLEZWE
IBANDLA iReformed St John’s Apostolic Faith Mission lihlela ukuwelela enyangeni yabesifazane selihlomise imbokodo ngezikhali zempilo engqungqutheleni eqala ngoLwesine isongwe ngoLwesihlanu ekomkhulu laleli bandla kwa-D KwaMashu.
Ngokwesimemo sabazalwane namalungu omphakathi kuhlelwe izikhulumi ezahlukene ezizocobelela futhi zihlomise abesifazane ngolwazi ezintweni ezahlukene. Kuzogxilwa nasezimfundisweni zoMphofethi uMama Christina Nku waleli bandla ongasekho.
“Kuzokhulunya ngenjongo kaNkulunkulu ngomuntu wesifazane. Njengoba esikhathini sanamuhla kudlange izifo - ezempilo ngeke zisale. Kuzobhungwa ngesifo somdlavuza, esikashukela, ukhwantalala nengcindezi yengqondo. Omama bathwele kanzima ngenxa yentsha ezinikele kwizidakamizwa ngakho bazonikwa amacebo ukuthi siyikhalima kanjani le nselelo. Okunye okungeke kusale wukuthi kubhungwe ngamasu okubhekana nenkinga yokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane,” kusho isitatimende.
Siqhuba ngokuthi ngeke zisale ngaphandle ezithinta ezezimali, intuthuko yezamabhizinisi kwabesifazane, ukunakekelwa kwabantu abaphila nokukhubazeka, nokukhuthazana ngemfundo. Kubalulekile ukuthi abesifazane bakhuthazeke ukuthi nabo bavelele kwezemfundo.”
Okunye okuhleliwe wukuthi kube nesikhulumi esivela eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi esizocebisa imbokodo ngezinhlelo ezikhona zokuyisimamisa empilweni.
Khonamanjalo, kuhlelwe indumezulu yomcimbi wokugcoba uMfundisi I.M. Dube osezokuba wuMengameli weZulu Congregational Church KwaZulu-Natal. Umcmbi seBhekokuhle Primary eDassenhoek, ngasePinetown ngoMgqibelo kuska ngo-10 ekuseni.