Umhlaziyi wezepolitiki uthe maningi amathuba okuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, akhishwe singakapheli isikhathi sakhe njengoba kwenzeka kwababengaphambi kwakhe.
Uvele usuqalile umjaho wezikhundla kwi-ANC, le nhlangano izoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi ngo-2027.
Umhlaziyi wezepolitiki oseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Siyabonga Ntombela, uthe maningi amathuba okuthi uRamaphosa kuthiwe akashenxe kwesokuba umengameli wezwe emva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC.
URamaphosa ube nomlando omubi njengoba ebe umengameli wokuqala kwi-ANC ukuba ahluleke ukunqoba ukhetho ngamalengiso.
I-ANC isiphethe ngokubambisana namanye amaqembu.
UNtombela uthe uma i-ANC ingakhetha abaholi abangahambisani nohulumeni wokubambisana lokho kungabeka engcupheni amathuba kaRamaphosa okuqeda ihlandla lesibili.
“Uma nje kungakhethwa umuntu onjengoPanyaza Lesufi (usihlalo we-ANC eGauteng), kungasho ukuthi i-ANC izophuma kuhulumeni wokubambisana. ULesufi usekhombisile ukuthi akahambisani nohulumeni wokubambisana. Akazange ayifake iDA kwikhabhinethi yaseGauteng.
“Ngike ngamuzwa ethi uRamaphosa akasayine iBela Bill (umthetho wezemfundo obangwayo). Ubuholi obusha be-ANC bungazibuza ukuthi sikhona yini isidingo sokuthi uRamaphosa aqhubeke njengoba inhlangano ihluliwe okhethweni. Kukhona abangathi inqubekela phambili abayiboni selokhu angena ngo-2018.”
Akekho umengameli we-ANC osaphathe izwe kuze kuphele amahlandla amabili.
Owayengumengameli wokuqala wombuso wentando yabantu, uNelson Mandela, wathi khumu emva kokuphatha ihlandla elilodwa.
Owalandela emva kwakhe, uMnuz Thabo Mbeki, wehliswa esikhundleni kusele izinyanga aqede ihlandla lesibili.
UJacob Zuma wehliswa esikhundleni kusasele unyaka kuphele ihlandla lesibili.
Bobabili uZuma noMbeki behliswa ezikhundleni emva kwezingqungquthela zokukhetha ubuholi be-ANC.
UNtombela uthe kungenzeka ukuthi ubuholi obusha be-ANC bukhethe ukumdedela uRamaphosa aqedele ihlandla lesibili.
"Lokho bazobe bekwenzela ukuthi kube lula ukudlulisela izintambo kozongena. Uma i-ANC ikhetha umuntu ohambisana nohulumeni wokubambisana, bazomyeka uRamaphosa aqhubeke."
Unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ukhuze amalungu enhlangano aseqale umbango wezikhundla.
UMbalula uthe amalungu e-ANC kufanele agxile ekulungiseni izinkinga eziholele ekutheni le nhlangano ihluleke ukuwina ukhetho ngamalengiso.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngoMgqibelo.
"Ngingakusho ukuthi kukhona abantu asebeqalile ukukhuluma indaba yezikhundla. Abantu abafundi emaphutheni abo. Njengamanje sithole u-40% wamavoti okhethweni.
"Esikhundleni sokuthi abantu baqhamuke namaqhinga okubuyisela i-ANC endaweni yayo, abantu bakhuluma indaba yezikhundla. Abantu abakhohlwe indaba yezikhundla, ngeke isisize ngalutho."
UMbalula uthe bazokhuluma kabanzi ngemiphumela yokhetho emhlanganweni wesigungu esiphezulu olandelayo.
Umhlangano wesigungu esiphezulu olandelayo uzoba izinsuku eziyisithupha, izinsuku ezintathu zibekelwe ukuxoxa ngemiphumela yokhetho.