UNGQONGQOSHE wezikaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uthi ukwehluleka kwe-Eskom ukunakekela ingqalasizinda yikho okwenze ukuthi kubuye uhlelo lokucishwa kukagesi.
URamokgopa uthe i-Eskom ihlulekile ukuqeda ngesikhathi izinhlelo zokunakekela ingqalasizinda, wathi lokhu kuphoqe ukuthi kubuye uhlelo lokucishwa kukagesi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo.
Uhlelo lokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga luqale ngoLwesibili ntambama.
Ugesi ucishwa ngokwesigaba sesibili ngezikhathi zantamba lapho khona abantu besebenzisa khona kakhulu ugesi.
URamokgopa uthe kunezizathu eziningi ezahlukene ezenze ukuthi i-Eskom ingakwazi ukuqeda ngesikhathi zonke izinhlelo zayo zokunakekela ingqalasizinda.
"Kwezinye izindawo inkinga isezinkampanini ezinikezwe umsebenzi, kwezinye impahla edingakalayo ukulungisa ingqalasizinda ayitholakali ngesikhathi. Kodwa-ke lokho into okufanele thina sibhekane nayo. Engingakusho okwamanje ukuthi konke lokhu kukhombisa ukwehluleka ngasohlangothini lwethu ukuqinisekisa ukuthi siqeda ngesikhathi izinhlelo zokunakekela ingqalasizinda."
URamokgopa uthe ukunganakekelwa kwengqalasizinda kwenze ukuthi izwe lishode ngogesi ongu-3 000 megawatts.
URamokgopa uxolisile ebantwini bakuleli ngokubuya kohlelo lokucishwa kukagesi.
"Siyazi ukuthi uhlelo lokucishwa kukagesi luphazamisa impilo yabantu, luphinde luphazamise ukusebenza kwamabhizinisi."
Uhlelo lokucishwa kukagesi lubuya nje, uRamokgopa nezikhulu ze-Eskom basanda kufunga ngokuthi ugesi ngeke ucishwe ebusika.
URamokgopa uphinde wakuqinisekisa ukuthi ugesi ngeke ucishwe kulobu busika.
"Lokhu okwenzeka njengamanje inkinga nje yesikhashana. Izikhulu ze-Eskom zisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi sinogesi owanele. Kukhona iziphehli zikagesi ezizoqala ukusebenza maduze. Ukusebenza kwalezi ziphehli kuzokwenza ukuthi sibe nogesi ongu-2 000 megawatts. Ngingasho ukuthi isimo esikuso kulo nyaka singcono kakhulu kunaleso esasikuso ngesikhathi kuqala ubusika ngonyaka owedlule."
Isikhulu esiphezulu e-Eskom, uMnuz Dan Marokane, sithe babevele beshilo ukuthi uma kwenzeka kuba nesidingo sokuthi kucishwe ugesi ebusika, kuzokuba ngokwesigaba sesibili.
UMarokane uthe uhlelo lokucishwa kukagesi luzoqhubeka kuze kube namhlanje, wathi bazothatha isinqumo khona namhlanje ukuthi luzoqhubeka yini.