AKUHAMBANGA kahle kowayengumengameli uJacob Zuma ekhala ngaphansi emzamweni wakhe wokuphikelela ukungena ePhalamende. IJaji uLeona Theron leNkantolo yoMthethosisekelo likhiphe isinqumo esilahla uZuma.
UZuma ngoDisemba wonyaka odlule, umemezele ukuthi usehamba neqembu elisha i-MK, akasayingeni eye-ANC. Izwe kumanje lilungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29.
I-MK ibilibeka ngembaba elokuthi ifuna ukubuyisela uZuma esikhundleni sikamengameli, ake asiphatha amahlandla amabili.
INkantolo yoMthethosisekelo yiyona eyayilahle uZuma ngecala lokwedelela inkantolo ngo-2021, yamgweba izinyanga eziwu-15 wangena ejele eMtshezi.
Ngokwesigaba 47 (1) (e) soMthethosisekelo, wonke umuntu uvumelekile ukungena ohlwini lwabazoya ePhalamende ngaphandle komuntu ogwetshwe izinyanga ezingaphezulu kwezingu-12 ngaphandle kokunikwa ithuba lokukhokha inhlawulo.
I-IEC yamemezela ukuthi uZuma akufanele abe sohlwini lwasePhalamende ngoba walahlwa ngecala. Abe-MK basedlulisela eNkantolo yezoKhetho bafika balunqoba udaba.
I-IEC yalwedlulisa udaba yalusa eNkantolo yoMthethosisekelo njengoba befike balunqoba.
Umbango ubumaqondana nokuthi uZuma kufanele yini aye ePhalamende njengoba walahlwa ngecala lokwedelela inkantolo. IJaji uTheron lithe uZuma walahlwa ngecala futhi lokho kumile, akujiki. Lathi ukuthi akasiqedanda isigwebo ngenxa yokuthi washeshe wakhishwa nanokuthi wanikwa ushwele kamengameli, akusho lutho ngoba isigaba somthetho sikhuluma ngesigwebo kungakhathalekile ukuthi ugwetshwele icala lobugebengu noma lokwephuma umthetho.
Inkantolo ithe uZuma angakwazi ukungena ohlwini lokuya ePhalamende emuva kweminyaka emihlanu kuphele isigwebo sakhe njengoba kusho umthetho.
Ijaji lithe kungumsebenzi we-IEC ukuqinisekisa ukuthi abantu ababa sohlwini lwasePhalamende bathembekile, lathi kungumsebenzi wenkantolo ukuqinisekisa ukuthi umthetho uyalandelwa njengoba unjalo.
Ungoti wezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala, uthe isinqumo senkantolo sisho ukuthi kuphelile ngalolu daba. UZikalala uthe uZuma akanalo ithuba lokwedlulisa icala ngoba isinqumo siphume enkantolo enkulu kunazozonke kuleli.
I-IEC ikhiphe isitatimende ithi iyasemukela isinqumo senkantolo, isizokwazi ukubhekana namalungiselelo okhetho ngaphanddle kokuphazamiseka. I-IEC ithe akufanele kube nokudideka ngalolu daba.
“Ukugwema ukudideka kuhle sicacise ukuthi isinqumo ngeke siphazamise iphepha lokuvota. UZuma uzoba wubuso beqembu lakhe kodwa igama lakhe lizokhishwa ohlwini lwabaya ePhalamende.
UZuma nakuba engabonakalanga enkantolo kukhishwa isinqumo kodwa uNobhala-Jikelele we-MK, uMnuz Sihle Ngubane, ubekhona. Ubehamba namanye amalungu e-MK nokuthe uma kuphuma isinqumo babonakala bedangele.
Kwenzeka konke lokhu nje, i-MK isanda kuxosha uMnuz Jabulani Khumalo owabhalisa iqembu. UKhumalo ulufake enkantolo udaba lombango weqembu, ufuna kukhishwe uZuma kufakwe yena.
UKhumalo umile ekutheni nguyena umholi nomsunguli weqembu osemthethweni futhi uzolwa kuze kube sekugcineni.