IZIMO zempilo zenza kungabi yiwo wonke umuntu okhuliswa wumzali noma ngabazali bakhe bobabili.
Zehlukene izizathu eziholela kulokho. Kungaba wukuthi omunye wabazali noma bobabli abasekho emhlabeni, noma bangabi seduzane nomntwana ngenxa yezizathu ezahlukene, okungaba wukusebenzela kude nasekhaya noma ukwehlukana kwabazali.
Umeluleki wezengqondo ozinze eManzimtoti, eNingizimu yeTheku, uNkk Tholinhlanhla Dlamini-Ngcoya, uthe ukukhula komntwana kungekho umzali noma abazali bobabli kuyingozi ngoba kungaholela ekutheni eqe izigaba zokuba wumntwana.
“Lokho kwenzeka ngokuthi umntwana kugcine sekuphoqa ingqondo yakhe ukujwayela ukuba mdala ebe esasemncane, futhi kwenza angakwazi ukujabulela isigaba sokuba wumntwana njengabanye abantwana. Inkinga ukuthi usuke ebhekene nezimo ezidinga enze izinto okumele ngabe zenziwa wumzali wakhe ukube ubekhona,” kusho uNkk Dlamini-Ngcoya.
Eqhuba, uthe okungcono ngobunzima baleyo mpilo wukuthi kungenza umntwana asheshe ajwayele ukubhekana nezimo ezinzima zempilo, loko kumsiza ukusheshe aqine ukhakhayi.
“Yize kunjalo kusemqoka ukuthi abantwana abaphila impilo enjalo balekelelwe ngabantu abadala abangakwazi ukuxhumana nabo, bancele kubona ulwazi lwezinto obekumele ngabe bazifundiswe ngabazali babo ukubasiza baqhubeke nempilo,” usho kanje.
UMnuz Siyabonga Ntshangase, umeluleki wezengqondo ozinze ePitoli, eGauteng, yena uthe umzali wumuntu obaluleke kakhulu empilweni yengane kusukela izalwa kuze kube isisesigabeni sokukwazi ukuzimela empilweni.
“Umzali uneqhaza elikhulu okumele alibambe ukubhekela ukuthi ingane yakhe ikhula kanjani. Nguye okumele ayifundise indlela yokuphila nokumelana nezimo ezahlukene zempilo, yingakho kuba nzima kakhulu uma kwenzeka engabi bikho empilweni yomntwana ngenxa yezizathu ezahlukene,” kusho yena.
Uthe nakuba kuzohlale kubuhlungu kodwa kuba ngconywana uma abazali beshiya umntwana emhlabeni esekhulile futhi esekwazi ukuzimela, kunokuthi bahambe noma bangabi bikho empilweni yomntwana esasemncane ngoba lokho kwandisa izinto ezingathikameza ukukhula kwakhe.
“Okunye kwalokho wukuthi kuba lula ukuthi ingane ibe ngumgilwa wabantu abahlukumeza umphakathi ngoba engekho omuntu obhekelele ukuphepha nenhlalakahle yayo, futhi kungenza nokuthi umntwana angakwazi ukuchuma emakhonweni ezinto aphiwe kuzona ngenxa yokungabi bikho komuntu omesekayo nomgqugquzelayo,” usho kanje.
UNtshangase ucebise ngokuthi amalungu omndeni abantwana abangasenabazali kumele balekelele ukubakhulisa, nokuthi labo bantwana bangesabi ukucela usizo ezinhlakeni zohulumeni okungaba ezenhlalakahle ukuze basizakale kokubakhathazayo.