KUSATHUNGATHWA abantu ababalelwa kwabayisithupha kulandela izikhukhula ezishiye kukhalwa eMnambithi izolo ebusuku. Ngokombiko woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal kushone abahlanu, kwaduka abayisithupha emuva kwemvula. Kuthiwa kukhukhuleka izimono ezinhlanu ngenxa yokugcwala kwamanzi edolobheni. Kubikwa ukuthi kucekeleke phansi mananye amabhizinisi nemizi kule ndawo.
UMphathiswa walo mnyango uNkk Bongiwe Sithole Moloi usedlulise amazwi enduduzo emindeneni eshonelwe. Okhulumela umnyango uMnuz Siboniso Mngadi uveze ukuthi izinhlaka ezahlukene ezibhekelele izinhlekelele zisebenzisana ngokubambisana nomnyango. "Sinxusa abantu ukuthi baqaphele, balandele nemiyaleleo ezobagcina bephephile. Ithimba lezenhlekelele limi ngomumo ukubhekelela isimo semvula esifundazweni," kusho uMngadi.
Abezimo eziphuthumayo be-IPSS baveze ukuthi basebenza ngokubambisana nenhlangano esiza emphakathini i-Ai-Imdaad Foundation ukulekelela kanti abadinga usizo oluphuthumayo bangaxhumana nabo ku-082 911 911.