KUSOLWE ukusetshenziswa komuthi ngesikhathi kuhlehla icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, eNkantolo eNkulu yasePretoria ngoLwesihlanu ngenxa yokugula komunye wabameli babamangalelwa. Abanye abantu kuTwitter bathe kunendima esidlalwa wumuthi kuleli cala.
"Kunomuthi kuleli cala. Zinsuku zonke liyahlehliswa, kuyiwa emakhefini athatha amahora. Yifilimu," kubhala uChristopher Mdue, evumelana noClie Plaatjie.
Ummeli wommangalelwa wokuqala nowesibili, u-Advocate Sipho Ramosepele, omele uMuzikawukhulelwa Sibiya noBongani Sandiso Ntanzi, uhlaselwe wukugula esapheka ngemibuzo ufakazi uMnuz Mthokozisi Thwala. Bekungakapheli nehora kuqalile ukuphonswa kwemibuzo ngesikhathi u-Advocate Ramosepele ebonakala elokhu ezisula ubuso maqede wacela inkantolo ukuba ike ihlabe ikhefu ngenxa yokuthi akazizwa kahle emzimbeni.
Ukuhlatshwa ngemibuzo kukaThwala kuzoqhubeka ngoMsombuluko. UMeyiwa wabulawa ngokudutshulwa ekubo kukanina wengane yakhe, uKelly Khumalo, eVosloorus ngo-Okthoba 2014. Emuva kwalesi sigameko kwaboshwa amadoda amahlanu, okubalwa kuwo noNtanzi kanye noSibiya.
* Khonamanjalo, icala lenkohlakalo yezigidi zamarandi ngokususwa kuka-asbestos, elibhekene nobengunobhala we-ANC kuzwelonke, uMnuz Ace Magashule, lihlehliselwe u-Ephreli 15 wangonyaka ozayo eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein.