KUSOLWA izimpunyela ngokusebenzisa intsha ekwenzeni ubugebengu obufana nokuqoqa ngodli imali yokuvikela ezinhlakeni zomphakathi nokudayisa izidakamizwa.
Lokhu kushiwo nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, eSouth Beach eThekwini kulandela ukufa kwabasolwa abayisithupha kade bedubulana namaphoyisa.
Abafi, okuvela ukuthi basebancane ngeminyaka, badutshulelwe eflethini eliyindawo yokuvakasha njengoba kuvela ukuthi bebebhukhelwe kulo ngowesilisa othile ngoMgqibelo.
Laba basolwa ngokudubula babulale abesilisa abane abasebancane eTshelimnyama, eMarriannhill, ngeSonto.
Kuleso sigameko kuvela ukuthi abasolwa bafica abafi bezihlalele emgwaqweni bephuza, babayalela ukuthi balale phansi ngezisu maqede babadubula emakhanda.
Kuthiwa abane bafela khona lapho, kwathi owesihlanu waphuthunyiswa esibhedlela esesimeni esibucayi.
Abafi ababulawe ngeSonto kuthiwa bebedayisa izidakamizwa ngakwaGaqanga esitolo ngaseTshelimnyama Primary.
Abasolwa (ababulawe izolo) baphinde basolwe ngokudubula babulale abesilisa abathathu eMinitown, eHammarsdale, ngoLwesihlanu.
Kuleso sigameko kuthiwa baficana nabafi esitolo somuntu wokufika kuzoqoqwa imali yokuvikela. Kuthiwa baqale bahilizisana ngaphambi kokuthi bakhiphelane izibhamu badubulane.
UMkhwanazi uthe bengamaphoyisa bakhathazekile ngentsha esencane ezibandakanya nobugebengu.
“Uma ubuka iminyaka yabo, ikhomba ukuthi kufanele ingabe bafunda u-matric noma basenyuvesi kodwa benza ubugebengu,” kusho uMkhwanazi.
Uthe phakathi kobugebengu le ntsha eba mandla kubo obokudayisa izidakamizwa nobokuqoqa imali yokuvikela ikakhulukazi ezitolo zabokufika.
Ugcizelele kwelokuthi basebenzela abantu abathile abanemali.
“Njengalaba nje esibathole kuleli flethi elibizayo. Ngeke uvele ubhukhe kulona ungenamali, kusobala basebenzela umuntu onemali,” kusho uMkhwanazi.
Uthe lona osolwa ngokuba nemali obebhukhele abafi, basezithendeni zakhe.
Uthe le nkinga idinga zonke izinhlaka zomphakathi ukuba zibambisane ziyidudule impi yobugebengu.
“Ngeke inqotshwe yithi sodwa singamaphoyisa, izinkantolo namajele. Lokhu okwenzekayo kukhomba ukuthi inkulu inkinga emphakathini nasemakhaya lapho le ntsha ikhuliswa khona” kusho uMkhwanazi othe uma kuqhubeka kanje ikusasa alikho.
Uthe ukuhlala kwabantu abasha bengenzi lutho, behamba bezulazula ezitaladini, bazithola sebeqashwa abathile ukuthi babenzele ubugebengu bese uma amaphoyisa ethi ayababopha, badubule kuqala bese beyafa uma amaphoyisa esebuyisela ngenhlamvu.