KUSOLWA ukuthi zishaywe inyoka imamba, izingane zandawonye ezimbili ezibhuqwe isisu zagcina ngokushona oShabeni, eShowe.
ULungelo Mngadi (8) noSimo Swane (7) bashone ngoMsombuluko kulandela ukukhala ngokubhuqwa isisu, bephalaza bekhala nangokukhathala.
Isolezwe lithole ukuthi lezi zingane kukhona ushevu okungathi ziwudlile ngendlela ebezigula ngayo.
Enye ingane yakwaSwane nayo ibikhala esifanayo kodwa isindile.
Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi laba bafanyana bebebuya ukuyolanda izinkomo emadlelweni babe sebekhala ngokuthi kukhona into ebalumile.
Kuthiwe kube sengathi iqhuqhuva nje elidumbile. Bafakwe iqhwa ukuze kudambe.
Kuthiwa lezi zingane zikhale ngokukhathala, zafuna ukuyolala.
Ebusuku zivuke sezigulela ukufa, ziphalaza zikhala nangesisu.
Kubizwe abezimo eziphuthumayo, eyokuqala ingane kuthiwa ishonele ekhaya, enye yashonela esibhedlela.
Esindile kuthiwa isalulama esibhedlela, kuthiwa asikho isiqiniseko ukuthi nayo ilunywe inyoka yini.
Umthombo osondelene nalolu daba nocele ukuba ungadalulwa uthe kusolwa inyoka imamba ukuthi iyona elume lezi zingane.
“Okwamanje kusavele ukuthi kuthinteka uphoyizeni ekushoneni kwalezi zingane. Ekuqaleni bekucatshangelwa ukuthi ukudla ezikudlile kodwa kwabonakala ukuthi kunokudumba ezinakho okungenzeka ukuthi okokulunywa inyoka imamba,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseShowe avule amadokodo ngokushona komuntu. “NgoMsombuluko izingane ezintathu zikhale ngokuphathwa izisu. Kushone izingane ezimbili. Amaphoyisa aseShowe avule idokodo ngokushona kwalaba. Kuzophenywa ngokwenzekile.”
Isolezwe lizame ukuxhumana nomndeni walezi zingane kodwa izingcingo zamalungu omndeni bezivaliwe, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.