KUKHONJWA umbango wezidakamizwa ngobulawa kwabesifazane ababili kwalimala abathathu okwenzeke KwaWololo, eNanda, ngoMsombuluko ntambama.
Kulesi sigameko kudutshulwe kwabulawa uNksz Loverness Shangase (32) obedayisa e-tuckshop noNksz Nobuhle Mbewane (39) okuthiwa uthole amachaphazelo njengoba ekade ephume kubo eyobheka ingane yakhe.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi ukudubula kuyamene nombango oshisa phansi wabesifazane abadayisa izidakamizwa kule ndawo.
Kuvela ukuthi ababulali bebefuna ukuqotha kwasani kule tuck shop kuhlanganisa umnikazi wayo obengekho ngesikhathi sesigameko.
“Okubuhlungu ukuthi lo muntu ebebemfuna kakhulu abazange bamthole ngoba ubengekho. Bona bazitshela ukuthi babulale yena nengane yakhe kanti babulale umzukulu wakhe nomakhelwane,’’ kuchaza umthombo.
Umthombo uthe kumuntu ongayazi le tuck shop, ibonakala njengedayisa izinto ezijwayelekile kodwa abahlala endaweni bayazi ukuthi kudayiswa izidakamizwa ezahlukene.
Kuthiwa kuqhamuke i-quantum yavulela ngenhlamvu, laba ababili bashonela khona lapho.
Umthombo olazi kahle udaba, uveze ukuthi sebengenisile abesifazane baseNanda ekudayiseni ngezidakamizwa.
Umthombo uthe yibona kanye esebevele baphenduka omangqingqiza bokuhweba ngezidakamizwa.
"Abesifazane balapha eNanda yibona manje esebedayisa izidakamizwa. Lena sekuyinto eyejwayelekile. Ngesikhathi iqala yayethusa kodwa manje kubukeka sengathi siyakhula isibalo sabesifazane abenza lo msebenzi,'' kuchaza umthombo.
UMnuz Quiet Nene onguyise kaNksz Shangase, uthe bakhathazekile ngalesi sigameko.
Mayelana nezinsolo zokudayiswa kwezidakamizwa uvumile ukuthi kunelungu lalo mndeni elalizidayisa ngaphambilini.
“Kodwa samtshela lo owayezidayisa ukuthi akaziyeke ngoba uzosiqhatha namaphoyisa,’’ usho kanjena.
Kuvela ukuthi laba badutshulwa nje, kukhona abanye besifazane nabo abahweba ngezidakamizwa khona eNanda ababaxwayisile ngokuthi mabayeke ukuzidayisa.
Kuvela ukuthi babanqumele ugwayi katiki ngokuthi lingapheli leli sonto besaqhubeka nokudayisa izidakamizwa.
''Sisola ukuthi laba babulawelwe khona ukuthi bona baqhubekile nokudayisa ngezidakamizwa phezu kokuba kukhona abanye ebebebaxwayisa,'' kuqhuba umthombo.
UMnuz Lucky Zuma womndeni kaNksz Mbewana, uthe bafe olwembiza ngomshophi obehle ngaphezulu.
Ukubulawa kwalaba besifazane kwenze iNanda yaqhubeka njengendawo esiphenduke ikwajombigazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko.
Uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala elenzeke ngoMsombuluko ngezithuba zantambama.
"Kusolakala ukuthi abesifazane ababili badutshulwe babulawa endaweni yaseNanda. Kuthiwa badutshulwe ngabantu abangaziwa. Abesifazane abadutshuliwe iminyaka yabo ilinganiselwa ku-32 no-39,'' kuchaza uColonel Robert Netshiunda.
Ugcizelele ukuthi imbangela yokubulawa kwabo ibingakaziwa.