SIMPHIWE NGUBANE
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uhlabe akubize ngokukhinyabezwa komnotho emva kokuthi amaphoyisa eshaqe impahla yomgunyathi engabiza uR1 billion.
Ukusho lokhu kwisivimbamgwaqo eBayhead ngasechwebeni eThekwini izolo ekuseni.
Kulesi sivimbamgwaqo bekunenhlanganisela yezinhlaka ezehlukene zikahulumeni nezokuphepha, kukhona noNgqongqoshe wezokuThutha, uNkk Peggy Nkonyeni noMnuz Ravi Pillay wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokongiwa kweMvelo.
Lapha bekuhlolwa abashayeli bamaloli ukuthi banazo yini izincwadi zokushayela, izimoto zikulungele ukuba semgwaqweni nokuthi impahla akuyona eyomgunyathi.
Kubashayeli bokufika bekuhlolwa ukuthi aqondile amaphepha abagunyaza ukuba seNingizimu Afrika nawokusebenza.
UZikalala uthe amaphoyisa ashaqe impahla ewumbombayi engabiza uR1 billion esikhathini esiyizinyanga ezingu-12 ezedlule.
Uthe kuyamkhathaza lokhu akuchaze ngokuthi kuyimizamo yokuguqisa umnotho wezwe ungakhuli.
Uqhube wathi uyazi kunemvunge ngokuqashwa kwabokufika emalolini, wasenxenxa izinkampani ukuthi ziqashe izakhamuzi kulo mkhakha.
“Akungaqashwa abantu abasuka ngaphandle ngoba kulula ukubaxhaphaza ngokwamalungelo. Abashayeli nososeshini babo abangavali imigwaqo ngamaloli amanye bawashise. Izikhalo zixazululwa ngesikhathi nangendlela efanele,” kusho uZikalala.
Uphonsele inselelo uNgqongqoshe wezokuQasha nezabaSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi, ukuthi aphuthumise uhlelo lokubuyekezwa komthetho ocacisa ngohlu lwemisebenzi edinga amakhono akhethekile.
UZikalala uthe ukushayela iloli akuwona umsebenzi ongachazwa njengodinga ikhono.
Alucacise uhlu ukuthi yilawa amakhono esingawalanda emazweni angaphandle nalawa okudinga kube abantu baseNingizimu Afrika. Asisho ukuthi akuphoqeleke ukuthi izinkampani ezisuka ngaphandle aziqashe izakhamuzi kodwa inkampani yakuleli kumele iqinisekise ukuthi ibeka phambili isakhamuzi,” kusho uZikalala.